IMOTO: KIA RIO
ESINYE sezigaba zezimoto ezidayisa kakhulu eNingizimu Afrika yiB-segment okuyilapho iKia Rio esembangweni wabathengi khona.
Incintisana nezimoto okubalwa kuzo iVolkswagen Polo edayisa ubuthaphuthaphu.
IKia ithuthukise iRio eyethulwa kuleli ngo-2017 ukuze izoqhubeka nokuheha abathengi, ibambe iminyaka futhi incintisane kahle nezimbangi zayo.
Indlela ebukeka ngayo ayishintshanga kakhulu ngaphandle kokushintsha kancane ingaphambili ikakhulukazi kwi-grille, ubhampa nakumafog lights.
Ebesihamba ngayo ngumagcino wamaRio ngenxa yokuthi ufika nezinto ezincane uma uqhathanisa namanye. Yize kunjalo kodwa bawashintshile amakhava amasondo bafaka amarimu angu-15 inch.
Ngaphakathi ine-8 inch colour touchscreen infotainment system okwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay okanye i-Android Auto. Engikuthandayo ukuthi nangemuva ikhona imbobo yokushaja iselula nge-USB. Kukhona nembobo ye-12V power socket.
Ukuze umshayeli angaphazamiseki, kunamabhathini okulawula umsakazo nokuphendula ucingo esiteringini, inamawindi kagesi, aircon nezibuko zasezinhlangothini ezihlelwa ngogesi.
Izihlalo zivulekile ukuze abagibeli abahlanu bahlale ngokukhululeka kanjalo nebhuthi evulekile okuthi uma uthanda ulalise izihlalo ukuze isikhala sithi xaxa.
Ngaphansi kwebhonethi kunenjini engu-1.4 litre 4-cylinder enamandla angu-73kW netorque engu-135Nm. Isebenzisa u-gearbox oyi 6-speed oshintshwayo. Le njini iyithwala kahle ngale kwenkinga namagiya ashintsha kalula.
Bekungaba mnandi ukuba bayifake nama-sensor ngemuva asiza ukupaka kodwa ezokuphepha enazo zihlanganisa ama-airbag omshayeli nomgibeli, indawo yokufaka isihlalo sengane, Anti-lock Braking System ne-Electronic Stability Control.
IRio yimoto ekahle uma ungafuni izimbangi ezidume kabi ngezizathu ezahlukene.
Intengo
KIA Rio 1.4 LS Manual R291 995
Ifika neservice plan yeminyaka emine noma u-60 000km, warranty yeminyaka emihlanu ne-roadside assistance yeminyaka emihlanu