SEZIQALILE izinhlelo zokuvalwa kwesikhala esizovuleka kwaKia njengoba iRio igcina ukudayisa kulo nyaka.
Isikhulu sakwaKia, uGary Scott, sithe kunezinkulumo ezingelona iqiniso zokuthi le moto iyekwa ukudayisa ngenxa yokuthi kayenzi kahle noma yehlelwe wudumo.
“Ukuqedwa kwayo kuza ngenxa yokuhlelwa kabusha. Uma ushintsha ukukhiqiza wenza okusha, uyaye wenze isikhala sakho. Izoqhubeka kwamanye amazwe idayise kakhulu eyi-sedan,” kusho uScott.
“Imoto ezovala isikhala sayo izozishaya saSUV ngoba yilapho imakethe ibheke khona. Yimoto ongeke ithi uma iqhamuka uthi ivala isikhala seRio.”
Le moto kulindeleke ukuthi iqhubeke nokudayisa kulo nyaka kuze kube ngozayo.
INingizimu Afrika akulona kuphela izwe iRio ezoqedwa kulo njengoba nase-Australia idliwe yizembe.
UScott uthe umncanyana wabo, iPicanto uyaqhubeka nokuba yintandokazi, ikakhulukazi iX-Line.
Uveze nokuthi iPegas idayisa ngendlela ebamangazayo futhi yiyo ehamba phambili esigabeni sayo.
“Inkinga ebesinayo mayelana nesitokwe seSonet, isilungisekile. IKia kuleli yiyona ezoba yimakethe enkulu yaseKia India lapho ikhiqizwa khona. Ngo-2024 futhi silindele iSeltos ethuthukisiwe.
Uthe le nkampani isilinyuse kakhulu izinga eminyakeni edlule, kangangokuba ihamba phambili e-USA ngokuba seqophelweni eliphezulu, kusuka ngo-2016 ngokocwaningo lweJD Power.
Emncintiswaneni iSA Car of the Year, izomelwa yizimoto ezimbili, okuyiSportage neSorento.