IMOTO: HYUNDAI CRETA
KWAHYUNDAI sebewenze afana amaSport Utility Vehicle ayo indlela abukeka ngayo, ikakhulukazi ingaphambili lawo.
Lokhu yinto ejwayelekile ezimotweni zandawonye ukuthi usheshe uzibone ziqhamuka ukuthi ngezayiphi inkampani.
Kuthe ngonyaka odlule bathuthukisa iCreta. ICreta ingaphansi kweTucson ngobukhulu futhi ingaphambili layo selicishe lifane nayo.
Uzokhumbula ukuthi iCreta isihlukene ngezinhlobo ezimbili kwazise kukhona neGrand Creta yona elayisha abagibeli abayisikhombisa.
Lena ilayisha abayisihlanu futhi ungayiqhathanisa nezimoto ezifana neKia Seltos kanti ngibona neToyota Urban Cruiser ezayo izoba ngenye yezimbangi zayo ngenxa yobukhulu bayo. Ungayifaka neMazda CX-3 neHonda HR-V.
Ingaphambili layo selishintshwe kakhulu lafakwa i-grille efana neyeTucson, namalambu akhelwe kuyo i-grille.
Amarimu angu-17-inch akusowna u-16 inch njengasekuqaleni.
Ngaphakathi ivuleke kahle. Uma ngingakuvala amehlo ngikufake phakathi baningi abangazitshela ukuthi yiTucson ngenxa yobukhulu bayo. Abagibeli abayisihlanu bahlala ngokukhululeka futhi nesikhala ebhuthini sikhulu.
Izinto enazo kubalwa kuzo itouchscreen infotainment system exhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla, amasensor ngaphambili nangemuva, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo, cruise control, isipele esilingana nawo wonke amasondo, ama-airbag nokunye.
Emgwaqeni amarimu amakhudlwana awayiphazamisi indlela entofontofo ngayo emgwaqeni.
Injini ngekaphethroli engu-1.5 litre engenayo i-turbo. Anamandla angu-84kW ne-torque engu-144Nm. Ugearbox ungumshini ozishintshayo obizwa nge- IVT (Intelligent Variable Transmission).
Intengo:
Creta 1.5 Executive IVT - R489 900
Ifika neservice plan yeminyaka emine noma u-60 000km, iwarranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km kanti ineroadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km.