IVOLKSWAGEN Motorsport isimemezele ukuthi ngeke isayingenela imijaho yeGlobal Touring Cars (GTC) esele kulo nyaka.
Lokhu kuza ngemuva kwesigameko sangeSonto eColesberg lapho iloli ebeliphethe izimoto zomjaho amaGolf 8 GTI libe sengozini lagqamuka amalangabi.
IVolkswagen Motorsport ithe engozini kushone umshayeli weloli uRodger van Schalkwyk nomsizi wakhe uFloyd Sipinyu.
Ngesikhathi sengozini bebesendleleni ephindela eGoli ngemuva komzuliswano wesithathu we-Extreme Racing Festival obuse-Aldo Scribante race track, eGqeberha.
“IVolkswagen Motorsport ngeeke isayingenela imijaho yeGlobal Touring Cars (GTC) esele kwisizini ya-2022. Sizobheka okunye abangakwenza abashayeli bethu uDaniel Rowe noJonathan Mogotsi,” kusho iNhloko yeVolkswagen Motorsport, uMike Rowe.
Isizini yakulo nyaka izoba nemijaho eyisikhombisa.
Udlulise amazwi enduduo emndenini kaRoger noFloyd. Inkonzo yesikhumbuzo yabo izoba seZwartkops Raceway, ePitoli, ngesonto elizayo.
Free State - N1 Route: #TruckCrash #TruckFire Trompsburg / Springfontein - expect delays / diversions pic.twitter.com/CYdsnzIKMg
— TrafficSA (@TrafficSA) May 29, 2022