IMOTO: HONDA HR-V
ITHELEKILE eNingizimu Afrika iHonda HR-V SUV entsha yesithathu ehluke kakhulu kunendala.
IHR-V ezishaya sa-coupe njengoba inokhakhayi oluyisibaca ngemuva, ihlukene ngezinhlobo ezimbili – kukhona iComfort ne-Executive.
Zombili zinenjini engu-1.5 litre kaphethroli engenayo i-turbo. Inamandla angu-89kW ne-torque engu-145Nm no-gearbox ozishintshayo oyiCVT.
IComfort inamarimu angu-17 inch kuthi i-Executive ibe nangu-18 inch.
Imibala okukhethwa kuyo ngo-Opal White (Pearl), Coffee Cherry Red (Metallic), Meteoroid Grey (Metallic) noBrilliant Sporty Blue (Metallic).
Ngaphakathi bathi yize ilingana nendala kodwa isikhala sinyuke ngo-35mm kubagibeli ngemuva.
Ibhuthi ivuleka ngogesi futhi kuthiwa uma usuka eduze iyazivala yona.
Inezindawo ezimbili zokushaja nge-USB ngaphambili nezinye ezimbili ngemuva kanjalo neyokushaja ngaphandle kwentambo.
Le moto bayigaxe ne-8 inch touchscreen infotainment system entsha lapho uxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto neBluetooth.
I-Executive inepanoramic sunroof.
Amabhreki ahlanganisa iVehicle Stability Assist (VSA), Brake Assist System (BAS), Hill Start Assist (HSA) ne-Automatic Brake Hold (ABH).
Ngaphezu kwalokhu ezokuphepha ziqiniswe ngama-airbag ngaphakathi, iyasho uma izoshayisa futhi ibhreke, ine-adaptive cruise control, iyakusiza ukuhlala emzileni futhi inamalambu azikhanyisa kakhulu ebusuku aphinde azinciphise ukungaxhophi abanye abashayeli.
Intengo:
Comfort - R 469,000
Executive - R 554,500
Ifika newarranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km, iservice plan yeminyaka emine noma u-60 000km ne-roadised assistance yeminyaka emithathu.