IMOTO: TOYOTA COROLLA CROSS GR-S
KUSUKELA iqale ukudayisa ekupheleni kuka-2021, iToyota Corolla Cross, isiphenduke enye yezimoto eziyinyama emakethe yakuleli.
ICorolla Cross yakhiwa efemini yakwaToyota, eProspecton, eThekwini.
Ngiyakhumbula ifika kwaToyota babebheke ukuthi kudayise angaphezulu kuka-2 000 ngenyanga futhi izibalo zokuthengwa kwayo zidlalela lapho impela. Ike yathi ukuphazamiseka nokho ngesikhathi kuvalwa ifemu ekhiqizwa kuyo ngenxa yezikhukhula zango-Ephreli, nyakenye.
Njengoba ifemu isisebenza, ngoDisemba nje angu-1 834 amaCorolla Cross aye kumakhasimende. NgoJanuwari abe ngu-2 042 nokufakazela ukuthandwa kwayo.
Ithandwa nje, nezintatheli zezimoto zakuleli ziyichome uphaphe lwegwalagwala nyakenye, ziyinika isicoco se-2022 South African Car of the Year.
Abakwenzile kwaToyota ukuze izoheha wukuyishuna kancane. Lokhu bakwenze ngokuyifaka imihlobiso yeGR (Gazoo Racing).
Lo GR-Sport ungakudidi uzitshele ukuthi yiGR performance kuhle kweGR Yaris neGR Supra. Kunalokho, iGR-Sport ishintshwe indlela ebukeka ngayo yathintwa nendlela ebambelela ngayo. Amandla, njengakwiHilux GR-S, awanyuswanga.
Injini ehamba ngayo isafana, ingu-1.8 wamalitha kaphethroli. Inamandla angu-103kW ne-torque engu-173Nm. Isebenzisa u-gearbox ozishintshayo oyiCVT. KwaToyota bathi idla amalitha angu-6.8 ngo-100km kodwa bekunzima ukufinyelela kulokhu njengoba ize yahamba iku-7.6l.
Bayithinte ku-suspension ukuze izobambelela kangcono nokuthi ijike kalula emajikeni. Ngikhuphuka emajikeni aseGingindlovu, ngibheke eShowe, ngizwe umzimba wayo ungalali kakhulu.
Okumnandi ngokuhamba ngayo wukuthi abayincishanga ezokuphepha. Emgwaqweni ovulekile kube wukufika ejubaneni olifunayo bese usebenzisa i-Adaptive Cruise Control ukuthi ilibambe iphinde inciphise uma kunemoto, iyakusiza futhi ukuhlala emzileni, iyasho uma kunemoto eseceleni noma izoshayisa iyakuxwayisa futhi.
Kukhona nokunye njengokuthi ingahlehli uma isuka endaweni enyukelayo, amabhreki e-ABS, inekhamera eveza ingemuva uma uhlehla, inama-sensor asiza uma upaka nokunye.
Le Corolla Cross GR-S isuselwe kwiXr.
Umehluko wayo ngaphandle uyenza ukuthi ibukeke wukuthi ngaphambili i-grille imnyama imesha nokhakhayi njengoba umzimba ungomunye umbala. Lo mbala omnyama umesha namarimu angu-18 inch.
Ngaphakathi inezihlalo zesikhumba ezimnyama nomhlobiso obomvu. Izinga yileli olaziyo kumaCorolla njengoba yaziwa njengemoto engagugi kalula.
Isikhala ngaphakathi sikhona nebhuthi futhi inkulu kahle.
Intengo:
Corolla Cross 1.8i GR-S - R 453, 200
Ifika ne-service plan yama-service ayisithupha noma u-90 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.