FANELESIBONGE BENGU
NJENGOBA zingenisile izimoto eziphakeme amaSport Utility Vehicle emhlabeni jikelele kodwa iBMW 3 Series ilokhu imile ayiyi ndawo.
Ime kufanele ngoba ukuyibuka kude nokungena phakathi kuyo uhambe ngayo kuyakukhanyisela ukuthi yimoto eseqophelweni eliphezulu kangakanani.
Kule minyaka edlule kwaBMW badayise izigidi zama-3 Series nokufakazela ukuthandwa nezinga layo.
Ekhona njengamanje iG20 ayikhiqizwa embonini yale nkampani iPlant Rosslyn ePitoli njengokudlule kodwa itheleka kwelengabadi isiphelele.
Ngaphandle iyabukeka futhi yona ithe ukuba nkudlwana kunendala. Ngaphambili inamaLED lights kanjalo nama-fog lights angamaLED ngezansi. Enze omkhulu umsebenzi kunenkungu ekhasa phansi ngikhuphuka eMthonjaneni. Iziphathimandla kumele zisilungisele olayini abamaka umgwaqo zifake namakati ngoba kuba nzima impela. Nangemuva kukhona amaLED lights athanda ukuba mpisholo mbijana nayenza ibukeke kahle.
Ngaphakathi akubuzwa ukuthi yimoto yomndeni kwazise ivulekile. Inezihlalo zesikhumba ezilayisha abagibeli abahlanu kanti ebhuthini isikhala wudedangendlale. Kuba yinto elula nje ukulalisa izihlalo bese sithi xaxa.
Uma isihamba emgwaqweni iwubukhosi. Inenjini eyi-2.0 turbo eyi-four cylinder kaphethroli. Inamandla angu-135kW/300Nm bese isebenzisa u-gearbox ozishintshayo. Ngo-100km ibidla amalitha kaphethroli angu-7.4. Iyanamathela emgwaqeni futhi okungichazayo wukuthi intofonotofo futhi ithule. Amajika iwashaya kalula ngaphandle kwenkinga futhi amandla iwathumela kahle emasondweni ngokushesha.
I-BMW 3 Series inenqwaba yobuchwepheshe besimanje obenza impilo ibe lula. Kubalwa ukuthi isho uma kukhona imoto eseceleni kwakho, izihambele futhi izijikise yona isiteringi uma iphuma emzileni, izihlehlele uma iphuma lapho ipake khona, Head-Up Display, ikhamera ngemuva nokunye.
Ine-touchscreen lapho udlala khona umsakazo, ufunda izindaba, uxhume iselula nge-Apple CarPlay, ubone imininingwane ngemoto nokunye.
Uphinde ukhulume nayo ngokuthi “Hey BMW” bese uyitshela ofuna ikwenze njengokushintsha amazinga okushisa ngaphakathi. I-BMW 320i ikahle iphelele kodwa uma ufuna ecishe ibe ngangayo kodwa enamandla futhi eyongayo, i320d iyona umakhonya.
Inani
Iqala kuR693 800