IFORD Motor Company of Southern Africa imemezele ukuthi izotshala uR15.8 billion efemini yayo eSilverton, ePitoli, ukulungiselela ukwakha iRanger entsha.
Le nkampani ithe ibheke ukuthi iRanger entsha iqale ukwakhiwa ngo-2020. Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule abakwaFord nabakwaVolkswagen bamemezela ukuthi bazosebenzisana, okusho ukuthi iVW Amarok entsha izokwakhiwa endaweni efanayo neRanger.
Ukutshalwa kwalesi zigidi sezigidi, kusho ukuthi kuzodaleka amathuba amasha omsebenzi angu-1 200 efemini namanye angu-10 000 kwezinye izingxenye. Kuzophinde kukhuphuke umthamo wezimoto ezakhiwa khona usuka ku-168 000 ngonyaka uya ku-200 000 njengoba zidayiswa nasemazweni angaphezu kuka-100.
AbakwaFord abakathi vu, ngeRanger entsha ukuthi izoba njani.