IMOTO: FORD RANGER
ISIGCINE ifikile iFord Ranger entsha obese kuphele cishe unyaka, yaqala ukukhangiswa ezithombeni kubikezelwa ukuthi isendleleni.
Njengendala, yakhiwa efemini yakwaFord eSilverton, eTshwane, ‘nomzala’ wayo omusha iVolkswagen Amarok entsha.
Empeleni ngo-2023, kwaFord bazobe behlanganisa iminyaka ewu-100 baqala ukuthengisa kuleli. Okwamanje kuzotholakala idouble cab kuphela bese kuthi ezinye izinhlobo zilandele ekuqaleni konyaka kanjalo nebhoklolo, iRanger Raptor.
Ubukhulu bayo bugqanyiswa ngamalambu idaytime running angamaLED amise okukaC ngaphambili. Ngokusho kwenkampani, babuke ukondleka nokuba yizidlakela kwabadlali bezomboxo ngesikhathi beyakha. Amaheadlight angamaLED.
Ihlukene ngezinhlobo ezine, kukhona iBase, XL, XLT neWildtrak futhi zitholakala zingama-4x2 noma ama-4x4. Amarimu amasondo aphakathi kuka-17 no-20 inch, kuya ngenhlobo yakho. Uyakwazi ukukhetha izinto ofuna ukuzengeza ukuze ihluke kuneyabanye.
Uma ubheka ngemuva eceleni bafake isitebhisi esenza kube lula ukufika esikhenkeni uthathe impahla. Sona isikhekhe uma uthanda uyakwazi ukusifaka iroller shutter esebenza ngogesi futhi sesisikhulu. Iwheelbase yayo inwetshwe ngo-50mm uma uyiqhathanisa nendala nokuyimizamo yokuvula isikhala sabagibeli.
Ngaphakathi kugqame itouchscreen infotainment system entsha enkulu (engu-10.1 noma u-12 inch) nokwenza kungabi khona amabhathini amaningi, njengakwi-Everest esanda kwethulwa.
Kukhona nedigital instrument cluster ekhombisa ijubane, ingoma oyidlalayo, namadrive mode osuke uhamba ngawo. Izinjini zihlukene kathathu. Okuyiyona enamandla ngeyi-3.0 V6 esuselwe kwiF-150 neFord Territory kodwa yase ithuthukiswa.
Uyifica kwiWildtrak 4x4 kuphela ikhafula amandla angu-184kW netorque engu-600Nm. Ugearbox uyi-10 speed auto. Neyasekuqaleni iRanger emgwaqweni ibihamba kamnandi futhi ingazweli kakhulu emabhampini. Nakulokhu kunjalo futhi indlela ethule ngayo ngaphakathi bayithuthukisile nokuduma kuphansi nogearbox ushintsha kahle. Amandla asheshe angene ukhohlwe ukuthi uhamba ngemoto enkulu.
KwiWildtrak uyakwazi ukuthola injini ebikhona phambilini engu-2.0l Bi-Turbo. Inamandla asehlelile angu-154kW/500Nm (asuka ku-157kW/500NM) nogearbox oyi-10 speed auto.
Enye injini ingu-2.0 litre turbo enamandla angu-125kW/405Nm.
Ukhetha phakathi kukagearbox ozishintshayo okanye oshintshwayo oyi-6 speed. Kuya ngenhlobo yakho kodwa kuningi enakho njengekhamera eveza umzimba wonke, amalambu ayikhanyisa umzimba wonke, izibikha ezigqomayo zeB&O premium sound, ama-airbag ayisikhombisa, ukukusiza ukuthi uhlale emzileni, iyajika igweme into ezokushayisa uma ingasakwazi ukuzibhrekela nokunye okuningi.
Intengo:
Base
•2.0L SiT Double Cab 4x2 6MT R486 000
•2.0L SiT Double Cab 4x4 6MT R528 600
XL
•2.0L SiT Double Cab XL 4x2 6MT R529 900
•2.0L SiT Double Cab XL 4x2 6AT R544 400
•2.0L SiT Double Cab XL 4x4 6MT R607 300
•2.0L SiT Double Cab XL 4x4 6AT R621 900
XLT
•2.0L SiT Double Cab XLT 4x2 6AT R592 700
•2.0L SiT Double Cab XLT 4x4 6AT R669 800
•2.0L BiT Double Cab XLT 4x2 10AT R702 300
•2.0L BiT Double Cab XLT 4x4 10AT R782 100
Wildtrak
•2.0L BiT Double Cab Wildtrak 4x2 10AT R778 300
•2.0L BiT Double Cab Wildtrak 4x4 10AT R867 700
•3.0L V6 Double Cab Wildtrak 4WD 10AT R953 500
Ifika newarranty yeminyaka emine noma u-120 000km, iroadside assistance yeminyaka emine ne-distance corrosion warranty yeminyaka emihlanu.