IMOTO: ALFA ROMEO TONALE
SEKUNGAPHEZU kancane konyaka be-Alfa Romeo eNingizimu Afrika bamemezela ukuthi bazokwethula iSUV entsha, iTonale.
Leso sithembiso sifezekile kuleli sonto itheleka le Sport Utility Vehicle (SUV) encane. Ingaphansi kweStelvio yakwabo enkulu, okusho ukuthi izobanga abathengi nezimoto okubalwa kuzo iBMW X1, Audi Q3, Lexus UX neMercedes-Benz GLA, ukukha phezulu.
Ucwaningo olwenziwe yi-Alfa Romeo kuleli luveza ukuthi abathengi kulesi sigaba bathanda izimoto zikaphethroli futhi ezingama-4x2. Ama-hybrid nawo ayandlondlobala kancane.
Kungalesi sizathu ifika nenjini engu-1.5 litre turbocharged kaphethroli. Inamandla angu-118kW/240Nm, yabe isihlanganiswa neyebhethri elingu-0.8kWh. Lona linamandla angu-15kW ne-torque engu-55Nm okwenza ibe yi-hybrid.
Kuyenza ibambe u-100km/h ngemizuzwana engu-8.8. Ijubane elikhulu layo ngu-210km/h.
Uma ihamba kancane ibuye izihambele ngebhethri lodwa, okugcina kusiza ekongeni uphethroli. Ngo-100km bathi idla amalitre angu-5.1.
Igearbox iyi-7 speed dual-clutch.
Injini ngenye yezinto efanayo kuzona zonke izinhlobo ezintathu zayo, okuyi Ti, Speciale neVeloce.
Ngesikhathi sishayela iSpeciale ngiyizwe ihamba kahle yize uzwa ukuthi njengoba amarimu emakhulu irabha yamasondo incane, amabhampu uyawezwa kancane.
Isiteringi sithe ukuthamba. Size sithi ukuqina uma usuyifake kwiDynamic engiyifanisa neSport mode njengoba emathathu, kukhona iNatural ne-Advanced Efficiency. Emakhoneni iyabambelela okusizwa yi-electronic self-locking differential abayifakile.
Le SUV engu-4.53 metre ubude ifika inothe ngezinto eziningi.
Kuya ngenhlobo yakho kodwa amarimu aphakathi kuka-18, 19 no-20 inch, amalambu angamaLED abuye azidimele uma kunesidingo nemibala eyisithupha okhetha kuyo egqamile.
Ngaphakathi izihlalo eziyindwangu kodwa uma uthanda uyakwazi ukufaka eziyisikhumba ezikwazi ukufudumala zibuye ziphole.
Ngaphambili i-netouchscreen infotainment system engu-10.25 inch. Lapha uxhuma iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo, udlala umsakazo, inkombandlela nokunye. Inedual-zone climate control, izimbobo zokushaja nge-USB ngaphambili nangemuva kanjalo nendawo yokushaja ngaphandle kwentambo. Esiteringini inamabhathini okulawula umsakazo, awe-adaptive cruise control nelokuyenza ukuthi ikusize ukuhlale emzileni nokunye.
Empeleni ezokuphepha ozengeza uma uthanda zihlanganisa nokuthi izibhrekele uma kunesidingo, iyasho futhi uma kunemoto engemuva uma uhlehla, futhi iyakwazi nokufunda izimpawu zomgwaqo njengoba inekhamera.
Intengo:
Ti – R739 900
Speciale – R799 900
Veloce – R819 900
Zonke zifika ne-maintenance plan ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.