IMOTO: HONDA CIVIC RS
NGESIKHATHI abanye behoxa ekudayiseni amasedan eNingizimu Afrika ngenxa yokwehla kwesasasa lawo, iHonda Motor Southern Africa ayipheli mandla njengoba yethule iCivic entsha.
ICivic entsha ingeka-11 futhi ifika ngenhlobo eyodwa kuphela iRS.
Ifika sebeyigaxe konke abacabanga ukuthi kuyizidingo zabathengi futhi akukho ongakwengeza.
Inamalambu angamaLED ngaphambili nangemuva namarimu angu-18 inch amnyama amesha nezibuko emaceleni.
Imibala okhetha kuyo ihlukene kahlanu.
Bayinwebile kunendala njengoba isingu-4 677mm ubude nokuyinto ekhuphuke ngo-25mm. Iwheelbase bayilule ngo-35mm yaba ngu-2 735mm.
Lokhu kwenza ingaphakathi lavuleka ukuze abagibeli bahlale kahle.
Izihlalo zihlanganisa isikhumba ne-suede futhi ziyakwazi nokufudumala ezangaphambili. Ine-automatic air-conditioning nezikhala ezikhipha umoya ngemuva, amawindi kagesi, adaptive cruise control namawiper azishayayo uma lina.
Okunye enakho yi-Advance HMI Display Audio engu-9 inch efana neyeFit nokwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto ngaphandle kwentambo.
Bayigaxe nezipikha zeBose.
Iselula nayo uyakwazi ukuyishaja ngaphandle kwentambo kodwa zikhona nezimbobo ezimbili zokushaja nge-USB ngaphambili nangemuva.
ICivic RS inenjini engu-1.5l turbocharged kaphethroli. Inamandla angu-131kW, itorque engu-240Nm futhi isebenza nogearbox ozishintshayo oyicontinuously variable transmission (CVT).
Ngo-100km bathi iphuza amalitha kaphethroli angu-6.2 ethangini elingu-47 litres.
Ezokuphepha zihlanganisa ikhamera ngemuva namasensor, ABS, ama-airbag ngaphakathi, iyasho uma izoshayisa ngaphambili, iyakusiza ukuhlala emzileni futhi inekhamera ngaphambili egade umzila.
Intengo:
R669 000
Ifika neservice plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km, iwarranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km neroadside assistance yeminyaka emithathu.