IMOTO: LEXUS NX
IQALILE ukudayisa iLexus NX okuyiSUV ephakathi nendawo ngobukhulu yakwaLexus efika nenqwaba yobuchwepheshe obusha.
AmaSUV akwaLexus yi-UX, NX, RX nengqovungqovu iLX.
Le NX ngeyesizukulwane sesibili njengoba ikhipha eqale ukudayisa kusuka ngo-2014. Entsha ifika ngezinhlobo ezimbili okuyi-EX 250 ne-350 F Sport, zombili ezinenjini kaphethroli.
Ngokuqhubeka konyaka bathembisa ukuthi kuzolandela ezingamahybrid i-EX, SE neF Sport.
Inemibala eyisishiyagalolunye bese kuthi iF Sport yona ibe neyekhethelo emibili ebizwa ngoWhite Nova noPoseidon Blue. Nangaphakathi inemibala ehlukene egabe ngayo.
I-NX 250 EX inobuchwepheshe obuhlanganisa ukuthi ibike uma kungaphephile ukwehla ngenxa yabantu abadlulayo noma izimoto. Iphinde ibe nobuchwepheshe obusha obenza ukuthi uma kunobungozi ukujika ezimpambanweni ngenxa yabantu noma ezinye izimoto izijikise yona isiteringi futhi ixwayise umshayeli. Iyasho uma ingase ishayise futhi izibhrekele, iyabika uma kunemoto eceleni futhi iyakwazi ukuhamba ngejubane olikhethile inciphise uma kunesidingo iphinde ikusize ukuhlala emzileni.
Ngaphandle ifika namarimu angu-18 inch, amalambu eLED aphinde azikhanyise wona kakhulu uma kunesidingo, dual-zone climate control, izihlalo ezihlelwa ngogesi ngaphambili futhi ezifudumalayo, itouchscreen infotainment system okwazi ukukhuluma nayo uthi “Hey Lexus”, Apple CarPlay/Android Auto nokunye.
Ngaphansi kwebhonethi inenjini engu-2.5 litre engenayo iturbo. Inamandla angu-152kW netorque engu-239Nm futhi isebenzisa ugearbox oyi eight-speed automatic.
I-NX 350 F Sport yona inamarimu angu-20 inch, amaLED headlights azikhanyisa wona kakhulu uma kunesidingo, izihlalo zangaphambili ezishisayo ziphinde zibande, ikhamera eveza umzimba wonke ngaphandle nepanoramic sunroof ukakha phezulu.
Inenjini engu-2.4 litre turbo enamandla angu-205kW netorque engu-430Nm futhi inogearbox othumela amandla kuwo wonke amasondo oyi eight-speed automatic transmission.
Intengo:
Lexus NX 250 EX – R860 000
Lexus NX F Sport – 1 075 400
Ifika newarranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-105 000km neMaintenance Plan.