IMOTO: LEXUS IS
KUSHINTSHA ukwenza kwiLexus IS njengoba zonke izinhlobo ezitholakala eNingizimu Afrika zingama hybrid kuphela.
Izinhlobo ezikhona yi-IS 300h EX, IS 300h SE ne-IS 300 F Sport nokusho ukuthi awukho "ulast number" i-IS 500 F Sport enenjini eyiV8.
Lezi ezikhona zihamba ngenjini kaphethroli engu-2.5 litre nebhethri okuthi uma sekuhlanganisiwe kukhiphe amandla angu-164kW. Zihamba ngo-gearbox ozishintshayo oyiCVT kanti ngo-100km bathi zidla amalitha kaphethroli angu-5.2.
Ngendlela ezakhiwe ngayo zinhle. Ikhasa phansi namalambu bawenze aba yisibaca ngaphambili.
Amarimu sebewenze aba makhulu aba ngu-18 inch kuthi kwiF Sport khona abe ngu-19 inch.
Igrille yeF Sport yona ithe ukuhluka futhi namalambu angama-Automatic High Beam nama-daytime running lights.
Ngaphakathi i-IS 300h SE ifika nesunroof okhakhayini. Okuhle ngayo ukuthi yonke into iseqophelweni eliphezulu akukho okwakhiwe kusetshenziswa izinto ezishibhile. I-F Sport uyakwazi ukuthi ibe bomvu, mnyama noma ibe mhlophe ngaphakathi.
Ifika ne-10.3 inch touch display entsha okwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay ne-Android Auto futhi isadlala neCD. Izipikha ngezeMark Levinson ezingu-17.
Isikhala asiswelwa ngoba ivulekile futhi nebhuthi udedangendlale.
Uma usuhamba ngayo ithule ngaphakathi futhi amabhampi awuwazweli kakhulu. Njengoba ikhasa phansi nje, ihleli emgwaqeni nasemajikeni iyabambelela. Ugearbox wayo ushintsha buthule uze uyizwe sengathi yisindandanda uma usuyinyathela mawala lapho ivele ibange umsindo khona kanti ijubane liyakhuphuka njengoba ligcina ku-200km/h nje.
IF Sport inama drive mode ahlukene (Eco, Normal, Sport S, Sport S+ and Custom) ne-Adaptive Variable Suspension (AVS) nokuthi uma ikuSport S+ uzwe isiteringi sithi ukuqina futhi ijika ngokushesha.
Umshayeli uhamba ekhululekile ngenxa yenqwaba yobuchwepheshe bayo.
Iyasho uma izoshayisa futhi ibhreke, iyazihambela iphinde ime nge active cruise control, iyasiza ukuhlala emzileni, iyasho uma kunemoto eseceleni, iyasiza ukuvika ingozi ngokujika isiteringi kanjalo namakhamera umzimba wonke.
I-IS izobanga abathengi nezimbangi ezifana neBMW 3 Series, Mercedes-Benz C-Class ne-Audi A4. Engikuthanda ngayo ukuthi ifika isiphelele akukho okumele ukukhiphele imali ukwengeze.
Amanani
EX R841 300
SE R899 800
F Sport R916 100
Zonke zifika ne-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-105 000km ne-maintenance plan.