IZIKHULU zakwaFord emhlabeni jikelele zithi zisebenzise iqhinga elifanayo nezilisebenzise kwiRanger ukwakha i-Everest entsha.
Izikhulu zale nkampani zithi zilalele imibono yabantu ngokuthi bayisebenzisa kanjani imoto yabo ukuze bezoyenza ifeze lezo zidingo. Yinto efanayo abayisho ngesikhathi kwethulwa iFord Ranger engakaqali ukudayisa eNingizimu Afrika.
I-Everest, ebonakale okokuqala namhlanje ekuseni emhlabeni jikelele, bathi ihlolwe izinkulungwane zamakhilomitha ukwenza isiqiniseko sokuthi ikwazi ukumelana nazo zonke izimo.
Ifika ngezinhlobo ezintathu okuyiSport, Titanium nePlatinum okiyiyo umakhonya emndenini.
Ivulekile kunendala futhi newheelbase isithe ukuba yinde. Ngaphandle inamalambu angamaLED futhi kukhona nayikhanyisa umzimba wonke nokusiza uma kusebusuku ukuze ubone ukuthi kukhona ini eduze kwalapho upake khona.
Ngaphakathi bathi into yokuqala oyiqaphelayo ukuthula kwayo futhi kulula ukukhuluma nohamba nabo kule SUV elayisha abagibeli abayisikhombisa.
Inezindawo zokushaja ngaphandle kwentambo, izihlalo ezifudumalayo futhi sekulula ukungena ezihlalweni zokugcina. Ukwandisa isikhala sokulayisha uyakwazi ukuzilalisa mba phansi izihlalo zangemuva naphakathi nendawo.
Inetouchscreen infotainment system enkulu ene SYNC® 4 eyenza ukwazi ukuyilawula ngephimbo, ubone inkombandlela, uxhume iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto nokunye. Ukwazi ukuyixhuma neFordPass App bese ukwazi ukuyidumisa ngeselula, uyikhiye noma uyivule, ubheke isimo sayo nokunye.
Ezokuphepha zithuthukisiwe njengoba inama-airbag afinyelela kwayisishiyagalolunye. Iyakwazi ukuzipaka iphinde izikhiphe esikhaleni ezifake kuso.
Ezinye izinsiza zomshayeli zihlanganisa i-adaptive cruice control, izigcina isemzileni, iyakwazi ukubona isivinini sakulowo mgwaqo bese ihamba ngaso, iyakwazi ukubona izimoto ezihamba kancane noma ezimile bese isiza umshayeli ukuzigwema ngokushesha uma ibona ngathi kunobungozi, iyabhreka uma ibona ubungozi uma uhlehla, iyakwazi ukuxwayisa umshayeli ngobungozi obuseceleni nakwinqola ngemuva futhi iyabhreka ukuze ingashayisi phambili.
Izinjini sekukhona nengu-3.0 litre turbodiesel engu-V6. Ezinye zingu-2.0 litre turbo neBiTurbo ezivele zikhona nekaphethroli engu-2.3 EcoBoost. Zinogearbox oyi-6 speed automatic okanye i-10-speed automatic.
Kukhona oyifaka wena ukuthi idonse ngawo wonke amasondo bese kuba nenye edonsa ngawo zisuka. Inediff lock ngemuva. Amandla ayo akwazi ukudonsa isisindo esingu-3 500kg.
Imininingwane ephelele ngayo izomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi.