IVOLKSWAGEN Group South Africa (VWSA) igubha ukukhiqiza izimoto ezingaphezu kuka-4 million efemini yayo ese-Uitenhage, ePort Elizabeth.
Izimoto zokuqala zakhiqizwa eminyakeni engu-72 edlule ngoNovemba ka-1948 ngesikhathi ifemu kusengeyeSouth African Motor Assemblers and Distributors (SAMAD).
Imoto yokuqala yakwaVolkswagen eyakhiqizwa kwaba yiVW Beetle eyakhiwa ngo-Agasti ka-1951.
Kusuka lapho le femu isiyakhe izimoto eziningi okuhlanganisa yona iBeetle, izinhlobo ezahlukene zeTransporter, Golf, Jetta, iPolo nezakwa-Audi.
Njengamanje kwakhiwa iPolo edayiswa kuleli kanjalo nakwamanye amazwe aphesheya. Kuphinde kwakhiwe nePolo Vivo edayisa kuleli.
Selokhu kuqale unyaka kwaVWSA sebekhiqize amaPolo angu-75 521 adayiswe kwamanye amazwe namanye angu-12 804 namaPolo Vivo angu-17 038 adayiswe kuleli.
Obambe njengoMqondisi wokukhiqiza kwaVWSA uBernd Schaberg uthe bayaziqhenya ngalokhu futhi kukhombisa ukuzinikela kwabo.
"Ngalokhu kuzimisela nginesiqiniseko sokuthi sizozuza okunye okukhulu," kusho yena.