BENGIHLALA ngizibukela kude izimoto zeMahindra futhi ngizitshela ukuthi ezohlobo oluthile lwabantu. Kodwa lo mcabango ushabalele ngesikhathi ngihamba ngeMahindra XUV 300 entsha.
Ngibone nabantu abasha bechazeka uma beyibona ngoba bebephenduka nayo uma iqhamuka. Abanye bebeze bamamatheke kubonakala ukuthi bathathekile yiyona. Bengihamba ngesezingeni eliphezulu iMahindra XUV 300 W8, enezihlalo zesikhumba. Yinhle ngaphakathi nangaphandle futhi kumnandi ukuyishayela. Inesikhala esanele ngaphakathi ukuthi nihlale ngokukhululeka futhi intofontofo.
Ngaphezulu inesunroof evuleka izindlela ezimbili. Okuphinde kuyenze ibe yinhle yizihlalo ezimnyama zesikhumba. Ikhona nenezihlalo zendwangu kulezi ezibiza kancane. Uma uzokhumbula, kweyokuqala bezimhlophe kuphela izihlalo kodwa manje sezimnyama zonke. Kwaba yisikhalo samakhasimende athi zingcola kalula uma zimhlophe. Indlela eduma ngayo iyazwakala ukuthi yimoto enamandla ngenxa yomsindo ewenzayo.
Ngesikhathi ngiyithatha ngiqale ngaba novalo lokuthi izowubhubhudla udizili ngoba inenjini engu-1.5 Turbo Diesel engu-4 Cylinder. Okungihlabe umxhwele ukuthi ngihambe ngaze ngakhohlwa wukuthi kumele ibuye iyokwethiwa ngoba ubungadleki kakhulu. Uma uhamba ngejubane elikahle iyimoto ongayisebenzisa zonke izinsuku ngaphandle kokuzwela ephaketheni.
Inamagiya ayisithupha futhi kukhona eshintshwayo kuphela. Yize ishintshwa kodwa inobuchwepheshe bokuthi ikwazi ukucisha uma umi erobhothini, iphinde idume uma unyathela iclutch. Lobu buchwepheshe uyakwazi ukubucisha ngokucindezela ibhathini elenza ingakweni lokhu. Iphinde ibe nehill hold assist yokugwema ukuthi ingahlehli kalula umi umi endaweni ebheke phezulu. Likhona nebhathini olicindezelayo ukwenza isiqiniseko sokuthi amasondo ayo ayabambelela phansi ingashibiliki uma uhamba endaweni emanzi.
Uma usugijima ngokweqile iyakuxwayisa ukuthi wehlise ijubane kanti nasemgaqweni iyabambelela. Okunye okungichazile amasensor akhona kuyo yonke indawo. Ikutshela ngisho kukhona odlula eduze kwayo kakhulu, noma ngabe imile inqobo nje uma iduma. Amagiya ayo athambile angena kalula kanti nezibuko iyakwazi ukuzigoqa uma ipakile. Okungangichazanga ngayo ukuthi ayinayo iFoot Rest yokuphumuza unyawo uma usuqede ukushintsha. Ibhuthi yayo ibukeka incane njengoba ingu-259 Litre. Inamalambu e-LED namaFog Lights. Ilayisha abantu abahlanu kodwa uyakwazi ukusinciphisa lesi sibalo ngokuvula indawo yokubeka amaGlass esiphuzo esihlalweni esingemuva.
Inani le-W8 kadizili linguR337 000 kanti ekaphethroli inguR317 000. Ekadizili inamandla angu-115kM neTorque engu-300Nm. Ekaphethroli inamandla angu-108kM neTorque engu-200Nm namacylinder amathathu.