IMOTO: BMW 128ti
NGESIKHATHI kusalindwe ukuthi iVolkswagen Golf 8 GTI itheleke eNingizimu Afrika maduze nje, abakwaBMW bafuna ukuhhalisela abathengi ngokwethula i-128ti.
Ngaphambi kokuthi ngiye kude angikuchazele ukuthi u-ti uchaza ukuthi Turismo Internazionale, futhi yigama elidala kwaBMW. Selake lasebenza ezimotweni okubalwa kuzo iBMW 1800 TI, BMW 2002 TI, BMW 323ti Compact neBMW 325ti njengoba selibuya manje nge-128ti.
Ingena ngaphansi kweM135i xDrive. Inenjini engu-2.0 turbocharged petrol enamandla angu-180kW netorque engu-380Nm. Isebenzisa ugearbox owu-eight-speed Steptronic Sport transmission, othumela amandla emasondweni angaphambili. Amandla ayo akwazi ukuyisusa imile iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-6.3.
Injini iyalingana neyeGolf 8 GTI eza eNingizimu Afrika, maphakathi nonyaka njengoba nayo ingu-2.0 turbocharged petrol enamandla angu-180kW netorque engaphansi engu-370Nm.
Uma uyishayela i-128ti isukisa okwenhlamvu uzwe kukhala ithayi langaphambili futhi ine- limited slip differential. Emakhoneni iyanamathela ngisho uhamba ngejubane futhi okumnandi ukuthi awudingi mandla ukuyijikisa ngoba amasondo ajika ngokushesha lapho uwakhomba khona. Isiterinigi bengingathi ukusifaka isisindo mbijana.
Isisindo sayo bathi singaphansi ngi-80kg uma uyiqhathanisa neM135i xDrive. Engikuthandayo nge-128ti ukuthi amabhreki ayo abhamba thaqa nokuyinto enhle kuleli jubane enalo. Le moto ikhasa phansi njengoba ineM Sport suspension. Yize ususpension uthe ukuqina nokusiza ukubambelela kodwa ngiyizwe ingazweli kangako emabhampini. Amarimu ayo angu-18 inch anama calipers abomvu, inemihlobiso ebomvu nebheji elibomvu. Uma uthatha umbala obomvu noma oluhlaza okwesibhakabhaka imihlobiso iba mnyama. Uma ungayifuni nokho uyakwazi ukucela ukuthi bangayifaki.
Ngemuva inezinqawe ezimbili ezingawukhiphi umsindo kaVrrr Pha! kuhle kweGTI. Ngaphakathi inezitishi ezibomvu ezihlalweni yase iqoshwa no ti endaweni yezingalo, phakathi nendawo. Izitishi zikhona nasesiteringini.
Ngaphambili inescreen se-intotainment system. Ngale kwalokho ukuvuleka kwayo ngaphakathi kuyafana ne-1 Series ejwayelekile njengoba isikhala ebhuthini singu-380 litres.
IBMW yakhe imoto esezingeni okumnandi ukuyishayela futhi engase iphazamise ngisho ukuthengwa kweM135i xDrive. Kuzoba nzima nokho ukugudluza iGolf GTI esicongweni ngenxa yokuthi abantu baseNingizimu Afrika bayazifela ngayo kodwa bengathola abantu ukuthi bayishayele, baningi abangase badobeke bayithenge.
Intengo
R687 418 00