ISIKHUNGO sezobuchwepheshe sakwaBMW, iBMW IT Hub, esisePitoli, sithi sihlala njalo sifuna ongoti abazosijoyina.
Okhulumela iBMW South Africa, uDeena Govender, uthe lesi sikhungo bebesigcine siyimfihlo kodwa manje sebefuna saziwe.
“Sakha amathuba omsebenzi, hhayi imisebenzi nje kodwa imisebenzi ekhokha kahle futhi sihlala njalo sifuna abantu abasha abazosijoyina,” kusho uDeena.
EBMW IT Hub yakuleli kuthiwa yiyona enkulukazi kwakhona amathathu emhlabeni – e-India nasePortugal.
Kulesi sikhungo sakha amasoftware asiza ekwakhiweni izimoto emhlabeni jikelele, asetshenziswa ngamakhasimende uku-oda nokunye.
Baveze ukuthi okwamanje abakawenzi amasoftware asebenza ngaphakathi ezimotweni.
Ukuvakashela lesi sikhungo bekuyingxenye yeBMW M Festival ebiseGoli ngempelasonto. IBMW M igubha iminyaka engu-50 yasungulwa nonyaka.
IBMW M Fest, engenye yemibukiso emikhulukazi emhlabeni, yilapho kwaBMW bethula khona imikhiqizo yabo emisha, amakhasimende athole ithuba lokuzwa izimoto zakhona, amanye eshayelelwa wumpetha weDTM, uSheldon van der Linde, nokuthenga ezintsha khona enkundleni iKyalami Grand Prix Circuit.
Le nkampani ithi idayise amathikithi angu-25 000 ngempelasonto futhi yadayisa izimoto ezingaphezu kuka-100 000.
“Le M Fest yiyona M Festival nkulu emhlabeni jikelele. INingizimu Afrika ngelinye lamazwe anothando lwezimoto zethu emhlabeni,” kusho isikhulu sakwaBMW M GmbH, uFranciscus Van Meel.
BMW M2
Ngemuva kosuku iBMW ivezele amehlo omhlaba iM2 entsha, ilethiwe kuleli ukuthi abantu bayibonele eduze.
Kuhlukene imibono ngendlela ebukeka ngayo, ikakhulukazi igrille yayo.
Lo mangqasha, ozoqala ukudayisa eNingizimu Afrika maphakathi nonyaka ozayo, unenjini engu-3.0 litre twin-turbo straight-six.
Amandla anyuke ngo-66kW kunendala njengoba isikhafula angu-338kW netorque engu-550Nm.
Ugearbox uhlukene kabili njengoba kukhona onamagiya ayisishiyagalombili ozishintshayo noshintshwayo onayisithupha. Amandla iwathumela wonke emasondweni angemuva kanti ukusuka ku-0 ibambe u-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-4.1 ezishintshayo.
BMW XM
Kuphinde kwavezwa nengqovungqovu, iXM, okuyiyona moto enenjini enamandla okuzedlula zonke kwaBMW.
Le moto, ezobanga abathengi neLamborghini Urus, Bentley Bentayga nezinye, inenjini engu-4.4l twin-turbo V8 kaphethroli nekagesi njengoba iphinde ishajwe.
Zombili zikhafula amandla angu-480kW netorque engu-800Nm futhi zinogearbox oyi-eight-speed ozishintshayo.
I-XM, engu- 5 110mm ubude, kuyithatha imizuzwana engu- 4.3 ukusuka ku-0 iye ku-100km/h futhi idonsa ngawo womane amasondo.
Iyawadonsa amehlo ngobukhulu bayo negrille ekhanyayo.
Intengo ayikaqinisekiswa njengoba izokwethulwa eNingizimu Afrika ngonyaka ozayo.
BMW M4 CSL
Enye eyethuliwe yiBMW M4 CSL yekhethelo njengoba kwakhiwe kuphela angu-1000 emhlabeni jikelele. ENingizimu Afrika kulethwe angu-15 futhi asedayise aphela njengoba ebebiza imali elinganiselwa kuR3 500 000.
Inenjini engu-3.0 litre twin-turbo eyisix-cylinder njengeM4 eyejwayelekile kodwa inyuswe amandla. Inamandla angu-405kW netorque engashintshile engu-650Nm nokuyenza isheshe kunazo zonke.
Ugearbox uyi-8 speed ozishintshayo futhi ukusuka ku-0 iye ku-100km kuyithatha imizuzwana engu-3.7.
UCSL umele uCompetition, Sport noLightweight nokuyinto abayenzile kule moto njengoba beyinciphise isisindo saba ngu-1 625kg.
Lokhu bakwenze ngokufaka amaM Carbon bucket seats anciphisa isisindo, amaM Carbon ceramic brakes nokunye.