KUNOVALO lokuthi ukuthi impi yeRussia ne-Ukraine ingase ibe nomthelela omubi ekudayiseni kwezimoto eNingizimu Afrika.
Ngokwezibalo zeNational Association of Automobile Manufacturers of South Africa (Naamsa), zibe ngu-44 229 izimoto ezidayise ngoFebhuwari nokuyisibalo esinyuke ngo-18.4% uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
Okhulumela iWesBank, uLebogang Gaoaketse, uthe yize uFebhuwari kuyinyanga emfishane yokudayisa nokunyuka kwenzalo yemalimboleko nentengo kaphethroli, ukudayiswa kwezimoto kuhambe kahle.
“Abathengi bebebaningi ngoFebhwari ikakhulu ezimotweni ezintsha kunezingamasekeni. Lokhu sikubone ngababoleka imali kwiWesBank abanyuke ngo-14.2%” kusho uGaoaketse.
Izimoto ezincane zibe ngu-29 563 nokuyisibalo esikhuphuke ngo-22.4% futhi iningi lazo lithengwe emagaraji.
UGaoaketse uthe yize kunje kepha isibalo sezimoto ezincane sehle ngo-463 uma kuqhathaniswa noJanuwari.
Izimoto ezingamaLight Commercial Vehicle ezidayisiwe zinyuke ngo-9.4% zaba ngu-12 290 uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo nyakenye.
Izimoto eziqhizwa kuleli zabe sezithunyelwa kwamanye amazwe zibe ngu-32 867. Lesi sibalo sikhuphuke ngo-3 590 noma u-12.3% uma kuqhathaniswa no-29 277 owahamba ngoFebhuwari nyakenye.
UGaoaketse uthe imboni ingase ibe nenkinga ngenxa yodweshu lwase-Ukraine nolungaholela ekunyukeni kwentengo kaphethroli nokuphazamiseka komkhiqizo.
Isikhulu seNaamsa uMikel Mabasa sithe abakudingi okunye ukuphazamiseka futhi banxusa ukuthi kutholakale isisombululo.
Uthe le mpi ize ngesikhathi imboni izama ukubuyela esimeni ngenxa yokuphazanyiswa yiCovid-19 nokushoda kwama semi-conductor.
NgokweWesBank nazi izimoto ezidayise kakhulu:
Toyota Hilux - 3 503
VW Polo - 2 004
Toyota Corolla Cross - 1 693
VW Polo Vivo - 1 634
Toyota Hiace - 1 458
Isuzu D-MAX - 1 401