IMOTO: VOLKSWAGEN T-ROC
UMA ungena ekhasini lami le-Instagram ubheka ezintweni engizifake khona uhlangana nesithombe seVW T-Roc engasifaka khona ngo-2017.
Ngaleso sikhathi yayethulwa okokuqala ngqa emhlabeni jikelele, okuthe ngemuva kweminyaka emithathu, ngo-2020, yatheleka kwelengabade.
Abaphawula khona babeyincoma, okube yinto efanayo nangesikhathi isifikakuleli. Ukuthakaselwa kwayo kwenze ukuthi kudayise ezingaphansi kancane kuka-5500 kuze kube wuJuni wonyaka odlule.
Njengoba ibisineminyaka ikhona, bese kufike isikhathi sokuthi ithuthukiswe okuyinto eyenzekile. Ngesikhathi abanye besemaholidini kaDisemba thina besimatasa siyivivinya isikhathi esengeziwe.
Ingaphakathi, kakhulukazi ngaphambili yilapho ishintshwe khona. Vele yilona ndawo ebiyenzela phansi ngoba ekuqaleni sengathi base befunaukonga basebenzisa izinto ezishibhile.
Sekuyindaba endala lokhongoba izinga balenyusile. Usuthi uma uthinta kwi-dashboard uzwe kuqinaqinile. Nendlela-ke izinto, ikakhulukazi i-touchscreen infotainment system engu-8 inch, enamekwe ngayo ishintshile.
Phambilini yayiphansi kodwa manje isiphakeme. Cishe ukuma kwayo yikho okushintshile ngoba indlela eyiyo isafana. Igqame kahle uma ikuvezela inkombandlela, amagama emisakazo, iselula uma uyixhume nge-Apple CarPlay, ingemuva uma uhlehla nokunye.
Uzoqaphela futhi ukuthi nezinkinobho ze-aircon zishintshiwe kanjalo negiya.
Amabhathini esiteringini nawo aseshintshiwe, sekuyilawo athambile. Okunye kuseyiyo iT-Roc eyaziwayo futhi abantu abayithandayo.
Phakathi kwezinto ezenza ukuthokozele ukuba phakathi kuyo yizihlalo zesikhumba, ezangaphambili ziyafudumala futhi esomshayeli sihlelwa ngogesi, izindawo zokushaja eziyisihlanu ngaphambili nangemuva, yizipikha ze-beats eziwukhipha unjalo umsindo, panoramic sunroof nesikhala esandisekayo ngokulalisa izihlalo.
Wena mshayeli awujuluki kakhulu uma uyibambile ngoba ziningi izinsiza. Ngibala amasensor ngaphambili nangemuva, iyazipaka, izibuko emaceleniziyashisa kusuke inkungu futhi ine-I.Q Drive Package ehlanganisa ukuthi izibhrekele uma ibona ingozi, ihamba ngejubane olikhethile, ibuye ilinciphise uma kunesidingo, iyakusiza ukuhlala emzileni ngokujikisa isiteringi futhi uma ibona ingozi ivala amawindi bese iqinisa amabhande kwabaphambili.
Injini kuseyiyo engu-2.0 TSI enamandla angu-140kW ne-torque engu-320Nm. Amandla athunyelwa kuwowonke amasondo njengoba iyi4MOTION. Le njini ine-gearboxeyi-7 speed DSG.
Amandla lawa asafana nasekuqaleni njengoba ifikaku-100km/h ngemizuzwana engu7.2 kuthi ijubane elikhulu libengu-216km/h. Injini le iyawafaka amandla impela futhi iyashesha emgwaqweni nokudlula enyeimoto masinya, kuba wubala.
Ikunikeza ukuzethemba emajikeni ngokudonsangawo wonke amasondo futhi nasemvuleni kaDisemba bengingenalo uvalo lokushelela ingiphunyuke.
Ithangi likaphethrolilingu-55 litres. Ngenyanga edlule uphethroli ungakehli ukugcwalisa bekungu-R1231,74 amalitha angu-54. Lapho-ke ngikwaze ukuhamba u-665km kusasele u-25km ngaphambi kokwetha futhi.
Ekugcineni esikhathini saminayo ngigcine ngihambe ibanga elingu-1 916km yaveza ukuthi idla amalitha angu-8.6. KwaVW bathi idla angu-7.3 ngo-100km.
Nasebusuku ukuhamba ngayo kulula ngoba inamalambu angamaLED akhanya bha.
Njengoba isuselwe kwiGolf nje, bengingathanda okwenziwa kwi-7.5 kufane nakuyo ngokuthi ama-indicator akhanye sakudweba.
Noma inje kodwa iseyinhle njengobe beyithintile kubhampa ngaphambili nangemuva. Ohlangothini isafana namarimu angu-19 inch agqama kahle.