IMOTO: VOLKSWAGEN ID.4 PRO
Ngesikhathi ezinye izinkampani ziqhubeka nokudayisa izimoto ezihamba ngogesi eNingizimu Afrika, kwaVolkswagen Group Africa bazinika isikhathi ngokwenza ucwaningo ngaphambi kokuqala ukuzidayisa.
Baqale ngo-2021 beletha i-eGolf okuyiGolf 7 engenanjini kaphroli kodwa enekagesi webhethri.
Kulandele i-ID.3 ngo-2022 kwathi ngo-2023 baletha eyokuthutha impahla i-ID.Buzz anikezwa inkampani ethutha impahla iDHL.
Zonke lezi zimoto ngazo kwakuhloswe ukuthola izimvo zabantu ukuthi bacabangani ngezimoto ezihamba ngogesi nokuthi yiziphi izincomo.
UGina Handleyo oyiProduct Marketing & Volume Planning Manager kwaVolkswagen Group Africa uthe abakuthola nge-eGolf ukuthi abantu bathi bangazithenga izimoto ezihamba ngogesi ngoba kuvikela imvelo uma nokushaja kuzosebenza ngogesi okhiqizwa ngendlela engangcolisi imvelo.
Uvalo ngebanga ongalihamba ngenye yezinkinga uGina athi zivezwe ngamakhasimende, ukuba yingcosana kwezindawo zokushaja kanjalo nokuthi ubuchwepheshe bafuna bube yindlela abayijwayele ezimotweni ezinenjini kadizili nophethroli.
KwaVW bathe lizonyuka izinga lokuthengwa kwezimoto ngenxa yokuthi kuza izimoto ezintsha, ziya ngokwanda izindawo zokushaja futhi izinga likaphethroli kuleli liphansi kanjalo nezindleko ziphezulu.
Nabo ngeke basale ngaphandle ekudayiseni izimoto zikagesi kodwa lokho kuzoqala uma sebephothule ucwaningo abalwenzayo. Kuleli sonto bethule i-ID.4 Pro okuyiSUV ehamba ngogesi wodwa. Okwamanje izoshayelwa ngamakhasimende athize kanjalo nabezindaba ukuze babanike imibono ngayo ngaphambi kokuthi iqale ukudayiswa ngo-2026.
Inebhethri elingu-77kWh okuthiwa uma lishajwe lagcwala ungahamba ibanga elifinyelela ku-531km. Yilo elifaka umlilo enjini kagesi efaka amandla emasondweni angemuva. Amandla lawa angu-150kW ne-torque engu-310Nm futhi igubane elikhulu ngu-160km/h.
Sithole ithuba lokuyibonela eduze nokuyishayela imbijana eGoli sisuka eSandton silibangise eCradle of the Humankind, eGauteng kuleli sonto.
Okungigqamele yindlela ebukeka ngayo ngoba ayikhombisi kakhulu ukuthi iyimoto ehamba ngogesi. Ngaphambili nangemuva ikhanyisa ngamalambu angamaLED. Amarimu angu-19 inch.
Uma ungena ngaphakathi yisikhala esikhulu esifike sangigqamela. Lokhu kungenxa yokuthi i-wheelbase yayo ingu-2 771mm. Ibhuthi iwubhazabhaza kwazise akukho nesondo eliyisipele. Ingu-543 litres futhi uma ulalise izihlalo iba ngu-1 575 litres.
Abagibeli abayisihlanu abakhali nakancane ngokumpintsheka. Ngaphambili ayinazo izinto eziningi. Kunalokho bafake i-touchscreen infotainment system engu-10 inch. Kulula ukuyisebenzisa uma uzijwayele izimoto zakwaVW. Kuphinde kube ne-information display engu-5.3 inch.
Ezinye izinto enazo kubalwa indawo yokushaja ngaphandle kwentambo, imibala ehlukene ekhanyisa ngayo ngaphakathi nokunye.
Emgwaqweni kuba wukunyathela ibhreki uyifake kuD noma kuR bese iyaqala iyanyakaza. Ngiyizwe ihamba kahle kodwa inakho ukuzwakala isinda kancane njengoba inamabhethri nje, okungenye yezinto ezengeza isisindo.
Emgwaqweni ayinamsindo njengoba ingadumi kanjalo nangaphakathi awukho umsindo otheni womoya ongena ngaphakathi. Iyazama futhi nokuthi ungabuzweli ubunjalo bomgwaqo emabhampini.
Uma uyifaka kuB iyazibhrekela uma udedela i-accelerator, ngaleso sikhathi ibuyise kancane ibhethri. Siyithatha ibinebhethri elingu-92% iveza ukuthi ingahamba u-488km nokwenza ngikukholwe ukuthi ungahamba ngaphezu kuka-500km uma igcwele.
Uma uyishaja ikwazi ukwamukela umlilo ogcina ku-150kW. Lapho ukusuka ku-0 iye ku-80% kuyithatha imizuzu engu-40.
Kwengu-50kW kuyithatha ihora nemizuzu engu-30. Ekhaya ungayishaja ngomlilo ongu-11kW.
Uma sithole ithuba lokuchitha nayo isikhathi esithe xaxa sizobuya neminye imininingwane ngayo.