IVOLKSWAGEN igudluze iToyota esicongweni sokuba yinkampani edayise izimoto eziningi okuzedlula zonke emhlabeni-jikelele ngonyaka owedlule.
Izibalo eziphume kuleli sonto zikhomba ukuthi iToyota, ehlanganisa iDiahatsu neHino idayise izimoto ezingu-10.175 million ngonyaka odlule.
Le nkampani ibilokhu idayisa kakhulu ukuzedlula zonke iminyaka emine ilandelana.
IVolkswagen okuyiyo esihamba phambili idayise izimoto ezingu-10.31 million.
Ngokubika kweBBC, lokhu kuze ngaphezu kwesigameko lapho iVW yenza khona umkhonyovu ngemuphumela yokuhlolwa kwezimoto zayo ngesisi elingcolisa umoya.
IVW ithe * -2016 kube wunyaka onzima kuyo.
Le nkampani ekhiqiza i-Audi, Porsche noSkoda ikhuphuke ngo-3.8% okusizwe nawukufunwa kakhulu eChina.
Nakwamanye amazwe, njengaseSweden iGolf ibiyintandokazi ngonyaka odlule nobengukokuqala ngemuva kweminyaka ukuthi kungabi yiVolvo edayisa kakhulu.
Ukudayisa kweToyota khona kukhuphuke ngo-0.2% yize ilele isibili. Ukudayisa kweToyota ngaphandle kwaseJapan kwehle ngo-0.5% uma kuqhathaniswa nonyaka owandulela owedlule lokhu okudalwe ukuncipha kwesibalo sezimoto ezithunyelwa eNorth America.
KwaGeneral Motors khona kulindeleke ukuthi izibalo zakhona ziphume ngesonto elizayo. Le nkampani yiyona eyayilele isithathu ngo-2015. Ngo-2011 yayihamba phambili ngemuva kokuthi ukukhiqizwa kwezimoto zakwaToyota kwaphazanyiswa wukuzamazama komhlaba netsunami eJapan.