IMOTO: FORD RANGER RAPTOR
NGENA emgwaqweni bese uyaqalaza ubuke ukuthi mangakanani amaveni ozowabona nokuzosidweba sicace isithombe sokuthi abantu baseNingizimu Afrika bayazifela ngalezi zimoto.
Kule minyaka edlule silokhu sikhula isibalo sabantu abathenga izimoto eziphakeme amaSUV futhi namaveni ayinyama kubathengi.
Okumnandi ngeveni ukuthi wenza izinto eziningi ngalo, ikakhulukazi eliyi double cab. Lilayisha abagibeli bese kuba nesikhala esikhulu sokulayisha impahla esikhenkeni. Isikhenke usenza lokhu okufunwa nguwe, kuye ngezidingo zakho.
Kuthe ngonyaka odlule kwaFord bethula iRanger Raptor edle ngobukhulu namandla engeziwe, ikakhulukazi obhuqwini. Inkulu futhi iphakeme (283mm), abanye abashayeli ubabukela phansi (hhayi kabi kodwa ilishiyile igabadi). Inekhamera ngemuva yebo futhi isiteringi sithambile kodwa ukuyipaka akuyona into elula ngoba kusala isikhala esincane ngenxa yobukhulu bayo. Yingakho ngesikhathi ngihamba ngayo bengingalokhu ngifuna ukushaya izindlela ezimfishane ezizolokhu zingifaka edolobheni nasenxanxatheleni yezitolo.
Ngivele ngayidlisa itiyela ngathatha uhambo.
Injini ingu-2.0 litre Bi-Turbo enamandla angu-157kW no-500Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-10 speed manual.
Iqhubeka ekhasini 15
iRanger Raptor yakwaFord edle ngobukhulu namandla engeziwe, ingenye yezimoto ongayisweli emgwaqweni.
Ave intofontofo futhi ungawabuka sengathi maningi amagiya kodwa ishintsha buthule ngokushesha ama-revvs ahlale ephansi ingabangi msindo. Uthi uma uyifaka kuSport uyizwe ishintsha ukuduma isheshe ingene nasejubaneni uma uyipha amafutha.
Angithi inama-driving modes ayisithupha (Normal, Sport, Grass/Gravel/Snow, Rock, Mud/Sand noBaja)
Akukho lapho obhajwa khona. UBaja ungathi uSport wasobhuqwini. Ikunikeza ukuzethemba uzibone uyizelamani zakwaWoolridge uLance noGareth ezishayela izimoto zomjaho kwiSouth African Cross Country Series.
Amathayi amaBF Goodrich 285/70 R17 all-terrain tyres namashocks eFox ayayivumela ukuthi obhuqwini ihambe ngokukhululeka.
Ezinsukwini eziyisikhombisa esizichithe nayo ibilokhu idla amalitha kadizili angu-10 ngo-100km.
Injalo nje iphephile njengoba ineTraction Control, iyasho uma iphuma emzileni noma kukhona ezokushayisa ngaphambili nokunye.
Ngaphakathi inetouchscreen infotainment system eveza inkombandlela, isihlalo somshayeli esihlelwa ngogesi esiyindwangu nesikhumba nokunye.
IFord Ranger Raptor wu “last number” wamaRanger odonsa isisindo esingu-2 500kg. Ikwenza wehluke kwabanye abashayeli ngoba iyagqama futhi ihamba kamnandi obhuqwini nasetiyeleni.
Intengo
Ford Ranger Raptor - R888,900
Ifika newarranty yeminyaka emine noma u-120 000km, roadside assistance yeminyaka emithathu, corrosion warranty yeminyaka emihlanu neservice plan yeminyaka eyisithupha.