IMOTO: MITSUBISHI OUTLANDER
Babheke ukuthi imangaze abantu abaningi i-Outlander kwaMitsubishi esiqalile ukudayisa eNingizimu Afrika.
Bathi yiyo ekubeka esithombeni okuzokwenzeka kule nkampani kuleli njengoba belungiselela ukuthuthukisa zonke izimoto zabo kulezi zinyanga ezingu-12 ezizayo.
I-Outlander yiSUV enkulu yale nkampani elayisha abagibeli abayisikhombisa.
Yakhelwe phezu kwesisekelo esisha nokwenza ibe nobuchwepheshe obusha ngaphakathi.
Phakathi kobuchwepheshe enabo kukhona nobakamuva bokuthi idonse ngawo wonke amasondo.
Inenjini engu-2.5 litre kaphethroli enamandla angu-135kW ne-torque engu-245Nm. U-gearbox ungumshini ozishintshayo oyi-eight-speed CVT othumela amandla kuwo wonke amasondo.
Le moto inethangi likaphethroli elingu-55 litres kanti idla amalitha angu-8.1 ngo-100km ngokusho kwabo.
Ezokuphepha zihlanganisa ukuthi ingahlehli uma isuka endaweni enyukelayo, ABS brakes, Hill Decent Control, ithole izinkanyezi ezinhlanu ihlolwa ezokuphepha ngokohlelo lweJapan New Car Assessment Program, nokunye.
I-Outlander inamaLED headlights, fog lamps nawangemuva. Inamarimu angu-20-inch nama-roof rails asiliva.
Ngaphakathi ine-digital intrument cluster engu-12.3-inch kanjalo ne-screen se-infotainment esingu-8 inch. Uxhuma iselula nge-Apple CarPlay noma nge-Android Auto futhi inezipikha eziyisithupha. Ubukhulu bayo benza nesikhala sokulayisha sibe sikhulu ikakhulu uma ulalise izihlalo zangemuva.
Ojunye enakho kubalwa izihlalo zesikhumba, panoramic sunroof, ikhamera eveza ingemuva, ama-sensor ngaphambili nangemuva asiza uma upaka nokunye.
Intengo:
Mitsubishi Outlander GLS: R729 995
Mitsubishi Outlander Aspire: R759 995
Ifika ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km, i-road side assistance yeminyaka emihlanu ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km.