IMOTO: BMW X3 ne-i4
NJENGOBA ziya ngokushintsha izinto kungenisa izimoto ezihamba ngogesi wodwa, iBMW South Africa, ithi iyakuqonda ukuthi kumele iqale izikhiqize.
Le nkampani inefemu okwakhiwa kuyo iX3 futhi iningi lazo zidayiswa kwamanye amazwe.
Owezokuxhumana kule nkampani uDeeena Govender, uthe yize isinqumo singakathathwa kodwa bayakucabanga ukuthi imoto elandelayo kumele kube ngekagesi.
Ubekhuluma kwethulwa i-iX3 ehamba ngogesi.
I-iX3 inenjini yebhethri elingu-80kWh. Inamandla angu-210kW ne-torque engu-400Nm. Uma igcwele bathi ingahamba ibanga elifika ku-460km okuyinto enhle ngaphandle uma uthatha ibanga elide. Ijubane elikhulu limiswe ku-180km/h. Ukuyishaja nge-direct current enamandla angu-150kW bathi kuyithatha imizuzu engu-10 ukuthola u-100km.
Ibukeka njengeX3 ejwayelekile ngale kwezinto ezincane eziyenza yehluke, njengamarimu angu-20 inch ne-grille. Inamalambu angamaLED ngaphambili nangemuva. Ifika neM Sport kit.
Nangaphakathi yiX3 oyijwayele futhi evulekile nezihlalo zesikhumba ezihlelwa ngogesi.
IneBMW Live Cockpit Professional enenkombandlela futhi wukwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay noma i-Android Auto.
BMW i4 M50
I-BMW i4 M50 ingeyokuqala eyakhiwe wuphiko lwezimoto zejubane zakwaBMW M ehamba ngogesi. Ungacishe uyifanise neBMW M4 Competition Gran Coupé ehamba ngogesi kodwa eshibhile kunayo.
NjengeM4 Competitions, kuyithatha imizuzwana engu-3.9 ukusuka ku-0 ibambe u-100km/h kuthi ijubane elikhulu limiswe ku-225km/h.
Inebhethri elingu-83.9 kWh elisebenza nezinjini ezimbili – engaphambili nangemuva.
Zithumela amandla angu-400kW ne-torque engu-795 Nm kuwo womane amasondo.
Okungichazayo ngayo wukuthi uma uyinyathela inemisindo emnandi eyenzayo ukukutshela ukuthi iyagijima kwazise basebenzisane noHans Zimmer.
Amandla yinto ongayesweli oyithola ngokushesha futhi yize ingenawo umsindo njengemoto kaphethroli kodwa uyakujabulela ukuyishayela.
Okuhle wukuthi uma ishajwe yagcwala bathi ibanga elihambayo lifika ku-510km. Ukuncishiswa kwejubane elikhulu kwenzelwa ukuthi ibhethri lingadleki ngokushesha.
I-BMW i4 ibukeka kahle ngaphakathi njengoba iBMW Curved Display ehlanganisa ama-screen amabili angu-12.3 inch nengu-14.9 inch.
Inezihlalo eziyisikhumba ezishisayo, ibhuthi engu-470 litres, sunroof, izipikha iHarman Kardon, Active Cruise Control, Steering and Lane Control Assist nokunye okuningi.
Intengo:
iX3 - R1,290,000.00
i4 M50 - R1,600,000.00
Kuzo zombili ufakelwa ishaja mahhala ekhaya futhi ushaja mahhala ezindaweni ezinamashaja akwaBMW.