IMOTO: BMW 4 SERIES COUPE
NGESIKHATHI kuqala kuvela izithombe zeBMW 4 Series Coupé entsha abantu abaningi babephawula nge-grille yayo enkulu.
Abanye babelibeka ngembaba elokuthi yimbi abayithandi. Kuthe sengiyibona ngamehlo ngesikhathi yethulwa lwaphela lonke ungabazane ebenginalo ngoba yinhle.
Angingabazi futhi ukuthi kwabanye ababeyigxeka kukhona abashintshe umqondo nabasazowushintsha.
Yenza i-4 Series igqame futhi i-grille enkulu akuyona into entsha kwaBMW. KwiX7 bayigaxe ngaphandle kwenkinga futhi isijwayelekile manje ayisathusi njengasekuqaleni.
I-4 Series Coupé iqale ukwethulwa ngo-2013, kwalandela iGran Coupé ngo-2014 kanjalo nesilahlamatende iConvertible.
Kusukela lapho sekudayiswe angaphezu kuka-800 000 emhlabeni jikelele. IGran Coupe ngo-45% yiyo ehamba phambili ngenxa yokuthi inezicabha ezine, kulandele iCoupe ngo-30% bese kuba yi-convertible ngo-25%.
I-4 Series Coupé entsha bayenze yaba nkulu kunendala yase iba mfishane imbijana kune-3 Series Sedan entsha. Ngaphandle kwe-grille enkulu ngaphambili, kuphinde kube khona amaLED headlights kodwa uma uthanda uyakwazi ukufaka ama-Adaptive LED Headlights with BMW Laserlight.
Uyithola namarimu aphakathi kuka-17 no-19 inch, yize amakhulu aphinde ephazamise ekutheni ibe ntofontofo.
Ubuchwepheshe enabo buhlanganisa ukuthi ibike uma ingase ishayise futhi ibhreke, iyasho uma iphuma emzileni isize umshayeli abuyele, ineactive navigation eyenza kube lula ukupaka futhi ineBMW Drive Recorder eyenza ukuthi iqophe ama-video afinyelela emizuzwaneni engu-40 alapho imoto ikhona.
Ifika ineLive Cockpit Plus ehlanganisa iDrive control ene-screen esingu-8.8 inch ne-instrument cluster engu-5.1 inch. Inenkombandlela, izimbobo ezimbili ze-USB neWiFi. Uma uthanda ufaka iBMW Live Cockpit Professional ehlanganisa ama-screen amabili angu-12.3 inch nesingu-10.25 inch.
ENingizimu Afrika kwethulwe iBMW 420i Coupe, BMW 420d Coupe neBMW M440i xDrive Coupe.
I-M440i inenjini engu-3.0 eyi six-cylinder in-line kaphethroli enamandla angu-275kW ne-torque engu-500Nm.
Ifika nobuchwepheshe be-mild hybrid technology obuhlanganisa ibhethri engu-48V okulekelela ukuthi yonge futhi ikhiphe namandla angu-8kW ngaphezulu.
Uma ubeka unyawo emafutheni ivele igxume ihlale isivinini sinyuke ngokushesha. Bheka ngoba ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-4.5 kanti ijubane elikhulu ngu-250km/h.
Ikhona ihlala kulo inamathele nokusizwa ukuthi idonsa ngawo womane amasondo.
Engingakuzwanga kahle umsindo wenqawe engizwe sengathi awumkhulu uma uqhathanisa neM340i.
I-BMW 420i Coupe inenjini engu-2.0 four-cylinder kaphethroli enamandla angu-135kW ne-torque engu-300Nm. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-7.5 kanti ijubane elikhulu ngu-240km/h .
Eyokugcina iBMW 420d Coupe inenjini kadizili engu-2.0 litre enamandla angu-140kW ne-torque engu-400Nm. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-7.1 kanti ijubane elikhulu ngu-240 km/h.
Yize ngingayishayelanga i-420i kodwa i-420d yiyo engiyibona ikahle kakhulu ngoba inamandla anele futhi iyonga kudizili.
Zonke zisebenzisa i-eight-speed Steptronic transmission.
Intengo:
BMW 420i
Standard Package - R755 400
M sport Package - R800 800
BMW 420d
Standard Package - R802 900
M Sport Package - R848 300
BMW M440i
M Sport package R1 117 450