IMOTO: ASTON MARTIN DBX707
BEKUWU-2020 lapho i-Aston Martin iqale khona ukukhiqiza iSport Utility Vehicle (SUV) iDBX.
Uthando lwamaSUV yinto engasadinge kuchazwa ngoba izibalo zokuthengwa kwawo zilokhu zikhule njalo emhlabeni jikelele.
I-DBX, ifike yashesha yazitholela indawo ezinhliziyweni zabathandi be-Aston Martin, kangangokuba isibalwa nezinye zezimoto ezidayisa kakhulu zale nkampani yase-England.
Ngokusho kwabadayisi bayo, lokhu kungenxa yokuthi ikwaze ngisho ukuheha amakhasimende abezibukela kude izimoto zakwa-Aston Martin. Kunalokho, abebefuna imoto enkulu enamandla bebeze bayobheka kumaLamborghini Urus, Porsche Cayenne okanye iBentley Bentayga.
Ukuthandwa kweDBX, sekwenze ukuthi ngemuva kweminyaka emibili ikhona yalamaniswa neDBX707.
Abakwenzile wukuthatha injini yakwaMercedes-AMG ekwiDBX ejwayelekile bayishintsha futhi bayengeza namandla.
Le njini ingu-4.0 litre twin-turbo V8. Ikhafula amandla ababazekayo angu-520kW netorque engu-900Nm. IDBX inamandla angu-405kW netorque engu-700Nm.
Amandla eDBX707 ayenza isukise okonyazi samoto encane njengoba ibamba u-100km/h ngemizuzwana engu-3.3 bese kuthi ijubane elikhulu libe ngu-310km/h.
Abasengi ezimithiyo ngalezi zinombolo ngoba ngithe ngiyisusa nge launch control ngezwa ingiphushela esihlalweni ngathi ngiyacwayiza ngabona isivinini sinyuka ngokushesha.
Ugearbox oyi-9 speed auto usethwe kahle ukuthi ubambisane nenjini futhi noma uzishintshela wena kumapedal shifters ngemuva kwesiteringi, akupheli sikhathi uyizwe ishintsha.
Umsindo wenjini ungenye yezinto ezengeza ubumnandi bayo.
Amandla akhona impela futhi uvalo alukho uma sekumele kumiwe ngoba ifika namacarbon-ceramic brakes akwazi ukuyenza ijubane ilehlise ngokushesha.
Kuyamangalisa ukuthi inkulu ingaka nje, uma ushaya ijika awuyizwa umzimba ulala nalo njengakwezinye izimoto.
Isiteringi sinesisindo esikahle futhi ikhala liya lapho uyijikisa ngakhona.
Okunye engikuthanda ngayo wukuthi iyimoto yejubane impela kodwa kungaba yimoto yakho yansukuzonke, hhayi impelasonto kuphela, kungabi ndaba zalutho.
Lokhu kungenxa yokuthi i-air suspension yenza ukuthi ingazweli emabhampini naphezu.
Amandla awuwasweli kwi-Aston Martin DBX707 enenjini engu-4.0l twin-turbo V8 nogearbox oyi-9spd auto. Ishaya u-0-100km/h ngo-3.3 seconds nejubane elikhulu elingu-310km/h. Ama carbon-ceramic brakes abamba thaqa. Ikhona ilishaya samoto encane. Funda @IsolezweNews maduze pic.twitter.com/RVT6KUXd2e
— Fanelesibonge Bengu. (@FaneleBengu) September 13, 2022
Izihlalo ngaphakathi zihlalisa kamnandi futhi nangemuva abagibeli banaso so sonke isikhala abasidingayo. Nokukhanya kwangaphandle kungena kalula ngepanoramic sunroof egcwele ukhakhayi.
Isikhala ebhuthini singu-632 litres.
Kwa-Aston Martin bakwazile ukubhalansisa amandla, ubuhle nezinga eliphezulu layo beyakha. Ngaphandle iyabukeka futhi ngaphambili igrille inkulu nalapho iphefumula khona ukuze izokwazi ukupholisa injini ngokushesha.
Amarimu amakhulu angu-23 inch angenye yezinto ezigqamayo kanjalo nezinqawe ezine nediffuser ngemuva.
I-Aston Martin DBX707 yimoto evele ikukhulumele ungakasho lutho ukuthi uphumelele empilweni ngoba Ibiza uR4 800 000.