UKUVULA i-aircon kuphazamise umshayeli uSetshaba Mashigo emzuliswaneni wesihlanu weGR Cup, e-East London Grand Prix Circuit ngempelasonto.
Kulo mncintiswano kuqhathwe izintatheli zezimoto zaseNingizimu Afrika ezihamba ngezimoto ezifanayo okungamaToyota GR86.
USetshaba, ongumshayeli we-ASAMM, uqophe isikhathi esiphambili ngoMgqibelo ekuseni kusahlungwa ukuthi abashayeli bazoqala kuziphi izindawo ngoLwesihlanu.
Ngesikhathi besazivivinya, uReuben van Niekerk ungene ngemuva uMario De Sousa okwenze uReuben wangakwazi ukuba semjahweni.
Emjahweni wokuqala uBrendon Staniforth weMaroela Media, obeqale endaweni endaweni yesibili, umangaze uSetshaba emshiya futhi evula igebe phakathi kwabo.
USetshaba ubone umjaho usuphakathi ukuthi i-aircon yakhe ivuliwe.
“Ngiyicimile ngabona isivinini sami sinyuka. Ngizamile ukuvala igebe kuBrendon kodwa isikhathi bese sihambile. Ngiphoqelekile ukuthi ngigcine ngiqeda endaweni yesibili kodwa ngeke ngiphinde ngilenze leli phutha futhi,” kusho uSetshaba.
UDennis Droppa ugcine esendaweni yesithathu, uMark Jones waba kweyesine, uDe Sousa kweyesihlanu kwathi ekugcineni kwaba nguChad Luckhoff.
Emjahweni wesibili kuphinde kwancintisana uSetshaba noBrendon phambili. Kuthe sekubonakala ngathi uBrendon uzophinde anqobe, uSetshaba wamdlula ekugcineni ukunqoba umjaho uBrendon wagcina elele isibiili.
Umzuliswano olandelayo uzoba seKillarney Race Circuit, eKapa, ngoSepthemba.