KUYIPHULE izinhliziyo imindeni yabagilwa ukushaya unqimphothwe kommangalelwa wokuqala kwelokubulawa kwabangani eKenville, eveza ukuthi usefuna ukufaka isicelo sebheyili ayengasifuni.
Abangani, uMnuz Lungani Mthethwa ongummangalelwa wokuqala noMnuz Sandile Chili owesibili bebevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini kuleli sonto.
Basolwa ngokubulala abangani uNksz Anele Mbokazi (29) owayengumhlengikazi esibhedlela iNkosi Albert Luthuli noNksz Zizipho Gabisa (30) owayengusokhemisi eMhlanga, ngo-Agasti 25.
Abafi badutshulwa bekade belandwe abamangalelwa emakhaya eRiverview Park eVerulam ngo-Agasti 24, bebakhipha. UChili ungaphandle ngebheyili kaR5000 emva kokugonyuluka ngakho konke okwenzeka, eninda uMthethwa.
Okhulumela umndeni kaNksz Mbokazi, uMnuz Mvuselelo Magwaza uthe: “Kusizwisa ubuhlungu ukuthi nakuba ummangalelwa wesibili wagonyuluka konke phambilini, ummangalelwa wokuqala, kunokuthi avume icala ukuze sisheshe sidlule kule nto, yena ufaka isicelo sebheyili.”
Uthe yize uChili eninda uMthethwa, bakholwa ukuthi naye uyathinteka kokwenzeka ngoba babehamba ndawonye.
Uthe uma enganikwa ithuba lokukhuluma noChili, angambuza ukuthi ukube kwakuyingane yakhe eyabulawa phambi kwakhe, wayezoqhubeka yini axoxisane nombulali.
Abamangalelwa bebeswenke beconsa.
UMthethwa eshaye isudi nehembe likanokusho, uChili efake ihembe elimhlophe qwa, waze waleleka ngewashi elibukeka kungelemali eshisiwe.
Njengenjwayelo, inkantolo ibivale ngomuntu emnyango, abantu ebebezokweseka imindeni yabafi.
Icala lihlehlele uDisemba 18, ukuze uMthethwa afake isicelo sebheyili.