IMOTO: FORD ECOSPORT ACTIVE
I-FORD EcoSport ingenye yezimoto ezilokhu zivela kwabezindaba kulezi zinyanga ezedlule ngezizathu ezahlukene.
Kungenzeka ukuba ubuyibona ngemuva kokwethula kwe-Active. Esinye isizathu wukuthi kunemibiko eshicilelwe kwiCars.co.za ethi ayisekho ifemu emhlabeni jikelele eyikhiqizayo kodwa isazoqhubeka nokutholakala kuleli, okwamanje.
Esami isizathu esenza ngibhale ngayo yingoba ngisanda kushayela i-Active.
I-Active ngeyekhethelo futhi ifike ngesikhathi esikahle ukwenza i-EcoSport “ibe yintsha” kwazise iyimoto esinesikhathi ikhona. Empeleni i-EcoSport ingenye yezimoto zokuqala esigabeni samaCompact SUV osekuminyene utshumo kuso.
I-Active lena yakhelwe phezu kwesisekelo seTrend bese iba nezinto eziyenza yehluke.
Phakathi kwakho yi-grille emnyama, yisiketi esimnyama, ngamakhava ezibuko, wukhakhayi kanjalo namarimu angu-17 inch.
I-fenda iqoshwe u-Active ukuze ungayiphambanisi nenye.
Ngaphakathi ubingelelwa yizihlalo zesikhumba ezikukhumbuzayo ukuthi yi-Active njengoba ezangaphambili ziqoshiwe.
Kushoda indawo yokuphumuza ingalo phakathi kwezihlalo zangaphambili.
Inakho konke okudingayo emotweni yamanje njengamawindi kagesi, aircon, eight-inch touchscreen infotainment system okwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay ne-Android Auto kanjalo ne-instrument cluster kuvezela imininingwane ebalulekile.
Isikhala ngaphakathi sikhona kodwa kumele ukhumbule ukuthi yiSUV encane. I-wheelbase ingu-2 519mm futhi yinde kuneyezinye izimbangi njengeKia Sonet neHyundai Venue.
Ibhuthi, enesondo elitetile ivuleka sasicabha semoto ayiyi phezulu nokubuye kube yinkinga kwesinye isikhathi. Isikhala sayo singu-333 wamalitha.
I-EcoSport Active inenjini engu-1 litre EcoBoost three-cylinder kaphethroli. Inamandla angu-92kW ne-torque engu-170Nm. U-gearbox uyi-6 speed auto.
Indlela ehamba ngayo emgwaqweni ayikhalisi nhlobo. Uma ususemgwaqweni ovulekile uyakwazi ukuyifaka kuCruise Control, izishushuluzele.
Kuphethroli ibidla amalitha angu-7.8 ngo-100km nokuyinto engifisa ngathi ingehla kancane kulesi simo somnotho okungenani ifike kulo 6.3/l100m oshiwo kubo kwayo.
Okunye engikuthanda ngayo wukuthi kwezokuphepha ifika nendawo yokufaka isihlalo sengane uma uwumzali, inama-airbag ayisikhombisa ngaphakathi, inama-sensor asiza uma upaka, ABS brakes nokunye.
Intengo:
EcoSport Active 1.0 EcoBoost Automatic - R393,700
Ifika ne-warranty yeminyaka emine noma u-120 000km ne-roadside assistance yeminyaka emihlanu.