I-AUTOMOBILE Association (AA) ithi yize isihlonipha isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo sokuthi umthetho, i-Administrative Adjudication of Road Traffic Offences (Aarto), usemthethweni kodwa isamile ekutheni ikhathazekile ngawo.
Lo mthetho kwakumele uqale ukusebenza ngoJulayi 1, 2021 kodwa kwangenzeka.
Ngokwe-Aarto, abashayeli baqoqa amaphuzu uma bephula imithetho yomgwaqo futhi ngokuhamba kwesikhathi lokhu kungaholela ekutheni ilayisensi imiswe noma ihoxiswe.
Inhlangano, i-Organisation Undoing Tax Abuse, yalufaka eNkantolo eNkulu yasePitoli udaba ngoJanuwari nyakenye eyafika yayivuna yathi lo mthetho awukho semthethweni.
INkantolo yoMthethosisekelo kuleli sonto ikuchithile lokhu, yathi umthetho we-Aarto usemthethweni.
“Yize sisihlonipha isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo kodwa sikhathazekile ngokuthi i-Aarto ngeke ize yenze ekuhlosile okuwukuthuthukisa ukuphepha nokunciphisa ukufa emigwaqeni. Sisamile kwesakusho kokuthi i-Aarto ngeyokuqoqa imali, hhayi ukugqugquzela ukuphepha emgwaqeni,” kusho i-AA.
Ithe ngesikhathi lo mthetho uvivinywa eGoli nasePitoli ngo-2008, abukho ubufakazi bokuthi kukhona impilo owayihlenga.