IMOTO: HONDA HR-V
NGESIKHATHI iHonda HR-V endala yethulwa eNingizimu Afrika ngo-2015 isigaba encintisana kuso sasingakabi nokuncintisana okungaka.
IHR-V yangaleso sikhathi okwathi ngo-2018 yathuthukiswa. Njengamanje kukhona eyesithathu iHR-V entsha efikela emhlabathini ovundile kwazise isigaba samaSUV silokhu sikhule njalo eNingizimu Afrika.
IHR-V iyawadonsa amehlo ngendlela eyakhiwe ngayo njengoba izishaya sa-coupe. Ngaphambili ihlukile indlela ebukeka ngayo kunezinye izimoto kwi-grille bese iba nophawu olukhulu lwakaHonda.
Inamalambu angamaLED okungama-daytime running lights, headlights nama-fog lights.
Amarimu angu-18 inch futhi ngemuva inamalamambu nakhona angamaLED.
Ungayibona sengathi incane kodwa ngaphakathi isikhala sikhona. Izihlalo ziyisikhumba futhi ezangaphambili zihlelwa ngogesi, zinjalo ziyakwazi nokufudumala. Nangemuva isikhala sikhona kubagibeli.
Ibhuthi incane nokho nengicabanga ukuthi kudalwa ukuba khona kwesondo eliyisipele elikhulu nokuyinto enhle kodwa. Isikhala singu-304 litres, sincane kunaleso seVW Taigo esanda kwethulwa yona eshaya ngo-440 litres.
Uma ulalise izihlalo zangemuva siyanda sibe ngu-956 litres.
Ngaphambili yonke into inhlelekile ayinawo amabhathini amaningi. Ine-toushcreen infotainment system lapho udlala khona umsakazo, uxhuma iselula ngeBluetooth noma nge-Apple CarPlay/Android Auto futhi ubone ingemuva uma uhlehla. Inezimbobo ezimbili zokushaja nge-USB.
IHR-V ihamba ngenjini engu-1.5 litre kaphethroli engenayo i-turbo. Inamandla angu-89kW ne-torque engu-145Nm no-gearbox ozishintshayo oyiCVT.
Edolobheni ihamba kahle noma ungayijahile ngoba amandla iwathumela kancane. Inkinga iba lapho ufuna ukudlula khona enye imoto ngokushesha ngoba ivele ibange umsindo isivinini sibe sinyuka kancane. Ukuba ine-turbo ngabe umehluko ukhona.
Intofontofo emgwaqweni futhi ukushiya kwayo igabade ngo-187mm kwenza umgwaqo uwubone kahle.
Kuphethroli ibidla amalitha angu-7.4 ngo-100km yize kubo kwayo bethi idla angu-6 ngebanga elifanayo.
Okuhle ukuthi ezokuphepha zisezingeni eliphezulu ngoba inama-airbag ngaphakathi, iyasho uma izoshayisa futhi ibhreke, ine-adaptive cruise control, iyakusiza ukuhlala emzileni, amabhreki ahlanganisa iVehicle Stability Assist (VSA), Brake Assist System (BAS), Hill Start Assist (HSA) ne-Automatic Brake Hold (ABH).
Intengo:
Executive - R 554,500
Ifika newarranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000km, i-service plan yeminyaka emine noma u-60 000km ne-roadside assistance yeminyaka emithathu.