I-FORD Motor Company of Southern Africa iyaziqhenya ngomsebenzi esiwenzile efemini yayo eseSilverton, ePitoli, lapho kuzokwakhiwa khona iRanger entsha.
Inkampani itshale uR15.8 billion ukuthuthukisa ifemu njengoba ilungiselela ukwakha iRanger entsha.
Kuleli sonto imeme abezindaba ukuzobona umsebenzi osuwenziwe nakanjalo nokuveza okokuqala iRanger ne-Everest entsha okulindeleke ukuthi zethulwe kulo nyaka.
Eduze nakwaFord kwakhiwa amanye amafemu asebenzisana neFord ukuze kube lula ukuthola izinto kugweme ukulinda isikhathi eside.
IFord izozakhela yona izinto zeRanger njengoshesi ngaphakathi efemini nenjini eyakhiwa efemini yayo eStruandale, e-Eastern Cape.
IFord Ranger entsha izoqhubeka nokwakhiwa lapha eMzansi ngemuva kokuthi iFord itshale izigidi efemini. Ingaphambili libuveza bucace ubusha bayo, inetouchscreen infotainment enkulu nesitebhisi esenza kube lula ukungena esikhenkeni @IsolezweNews @FordSouthAfrica #NextGenRanger pic.twitter.com/YW2yeXlkxF
— Fanelesibonge Bengu. (@FaneleBengu) March 22, 2022
Ukuthuthukiswa kwefemu kusho ukuthi izokwazi ukwakha izimoto ezilinganiselwa ku-720 ngosuku. Kufakwa nama-solar ukuze bazidonsele ugesi welanga.
Kunamahlebezi okuthi iRanger entsha izoqala ukwakhiwa kusuka ngenyanga ezayo bese idayisa kuleli nasemazweni angaphezulu kuka-100.
Kulo mcimbi kuqinisekiswe amandla ezinjini zeRanger ne-Everest entsha. Eqhulwini yinjini engu-3.0 litre V6 turbodiesel. Le njini ifuqa amandla angu-184kW netorque engu-600Nm.
Ezinye izinjini zingo-2.0 litre Single-Turbo ne-Bi-Turbo. ISingle Turbo inamandla angu-110kW no-350Nm kanjalo no-125kW no-405Nm,
I-2.0 litre Bi-Turbo yona inamandla angu-155kW netorque engu-500Nm. Ugearbox uhlukene ngezinhlobo okuyi-10 speed auto, 6 speed auto nabasha abayi-5 speed no-6 speed abashintshwayo.
IRanger entsha ifika namalambu angamaLED kanjalo nama-matrix LED headlight okokokuqala ngqa. Umzimba wonke ngaphandle unamalambu abathi enza kube lula uma kumele ushintshe isondo (elinamarimu aphakathi kuka-17 no-20 inch) ebusuku noma uzikhiphile ukwazi ukubona konke okusondela eduze nemoto. Kukhona nekhamera eveza umzimba wonke ngaphandle.