IMOTO: KIA SONET
UKUZETHEMBA kwabakwaKia ngohlobo olusha lweSonet entsha kwenza noma ungeyena umuntu othanda lolu hlobo lwezimoto ukuthi uyibheke ngelinye iso.
Ukuyikhipha kwabo newarranty engawakali amakhilomitha owahamba ngayo kodwa ikukalele iminyaka emihlanu, kuveza ngokusobala ukuthi bayayethemba. Abanqeni ukuthi bakusize ngokuyikhanda le minyaka ngaphandle kokubheka amakhilomitha osuwahambile.
Iyehlula kakhulu enye yezimbangi zayo okuyiFord EcoSport Ambiente, ephuma newarranty yeminyaka emine noma amakhilomitha angu-120 000.
Ngaphandle kokubheka iwarranty, ngikujabulele ukuhamba ngayo njengoba beyethulwa ngeledlule eCape Town. Iyimoto encane kodwa okumnandi ukuhamba ngayo futhi uyizwa sengathi inkulu uma ukuyona.
Nasemgwaqweni iyabambelela futhi inamandla.
Amandla enjini entsha engu-1.0 Turbo GDi angu-88 kW no-172 Nm. Isebenzisa ugearbox ozishintshayo oyi-7-speed dual-clutch automatic transmission.
Ngenxa yokuthi iyimoto enobuchwepheshe obuningi ngiyibone ingawudli kakhulu uphethroli njengoba isebenzisa u-6.8 wamalitha ebangeni elingu-100 km. Ithatha imizuzwana engu-11.3 ukufinyelela ku-100 km/h. Ijubane layo eliphezulu lingu-185 km/h.
Kukhona iLX esezingeni eliphezulu okuyi-EX. Injini iwu-1.0 ne-1.5 wamalitha. I-LX inamabhreki ayi-ABS, ama-Airbags amane, ESC plus HAC, 8 inch infotainment newireless Apple CarPlay ne-Android Auto, Bluetooth, amafasitela nezibuko zasemaceleni okuvulwa ngogesi, izipikha eziyisithupha, amasondo angu-15 inch, uwehlisa nokwenyusa isihlalo somshayeli, amalambu ayazikhanyela uma sekuba mnyama nerear view camera.
I-EX inakho konke okwe-LX kodwa kuyona kwengezwe irear park distance control, ama-airbags ayisithupha, isiteringi negiya okumbozwe ngesikhumba, amasondo angu-16 inch, amaroof rails, Cruise Control, amalambu angamaLED namafog lights ngaphambili.
Intengo:
–Sonet 1.5 LX MT: R296,995
–Sonet 1.5 LX CVT: R317, 995
–Sonet 1.5 EX MT: R316, 995
–Sonet 1.5 EX CVT: R337, 995
–Sonet 1.0 T-GDI DCT EX: R359, 995
–Sonet 1.0 T-GDI DCT EX+: R389, 995
Iphuma newarranty neroadside assistance yeminyaka emihlanu neservice plan yeminyaka eminye noma amakhilomitha angu-60 000.