IMOTO: ALFA ROMEO STELVIO
I-ALFA Romeo Stelvio isishintshwe izinto ezimbalwa ngaphandle yalandela eduze iTonale yakwabo okuyiSport Utility Vehicle (SUV) encane.
Ngaphambili isine-grille entsha lapho kunophawu lwakwa-Alfa khona. Ngezansi nakhona bayishintshile base befaka namaFull-LED Adaptive Matrix Headlights. Lokhu kuyenza icishe ifane neTonale.
Amalambu lawa azikhanyisa kakhulu aphinde adime uma kunenye imoto ezayo futhi akhanye eceleni uma ujika.
Eceleni inamasondo anamarimu angu-20 inch.
Nangemuva nakhona amalambu bawashintshile.
Ngaphakathi ifika ne-digital instrument cluster entsha engu-12.3 inch lapho ubona khona imininingwane ebalulekile ngemoto.
Le moto inkulu ngaphakathi njengoba ishaya nge-wheelbase engu-2 818mm. Ibhuthi ingu-515 litres.
Inezinto eziningi ngenjenge-touchscreen infotainment system engu-8.8 inch oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Audio, izipikha eziyisishiyagalombili, indawo yokushaja ngaphandle kwentambo, izihlalo ezishisayo ngaphambili eziyisikhumba, yisiteringi sesikhumba esishisayo, nokunye.
Inenjini engu-2.0 litre kaphethroli. Inamandla angu-206kW ne-torque engu-400Nm. Ino-gearbox oyi-8 speed ZF automatic futhi amandla ayo ayenza isuke ku-0 fike ku-100km/h ngemizuzwana engu-5.7.
Idonsa ngawo wonke amasondo kodwa iyakwazi ukuhamba ngamasondo angemuva kuphela bese kuthi uma izwa sengathi ayinamathele kahle ithumele amanye amandla ngaphambili.
Bathi idla amalitha kaphethroli angu-5.7 ngo-100km ethangini elingu-64 litres.
Kwezokuphepha ifika nama-Advance Driver Assistance Systems (Adas) owafaka uma uthanda. I-Adas yenza ukuthi izihambele, izibhrekele futhi izijikele nesiteringi uma kunesidingo.
Intengo:
Alfa Romeo Stelvio Veloce – R1 205 500
Ifika ne-maintenance plan ne-warranty yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.