IMOTO: ISUZU D-MAX V-CROSS
I-ISUZU D-Max entsha yethulwe eNingizimu Afrika ezinyangeni eziyisithupha isilindwe ngabomvu ngoba kwase kunesikhathi kubikezelwa ukuthi isendleleni.
Ibukeka ifike yaqhubeka lapho obekwenza khona endala ngokudayisa.
Ngenyanga eyedlule ibe ngeyesithathu ukudayisa kakhulu kuthengwa angu-1 968 ngemuva kweToyota Hilux (2 842) neVW Polo Vivo (2 473).
ID-Max ihlukene ngezinhlobo ezingu-24 futhi engumakhonya kuzo zonke yi-3.0l Ddi V-Cross 4x4.
IV-Cross ngeyabantu abafuna iveni ewubutsetse futhi engenankinga ngokuhamba ezindaweni okungahambi noma yiziphi izimoto.
Lapha kumele ithathe abathenga iHilux Legend ebonakala iyintandokazi kwabaningi, kanjalo neFord Ranger Wildtrak, okulindeleke entsha ngoDisemba.
Ngasebuhleni yakhiwe kahle iyabukeka. Inamalambu angamaLED ngaphambili, okungama-daytime running lights, ama-headlights nama-fog lights ngezansi.
Ukube wumuntu bengizothi yisidlakela ngoba yondlekile emakhwapheni, okungenye yezinto eyenza ukuthi uma uyibuka ngaphambili igqame.
Inamasondo amakhudlwana angamaGeneral Grabber AT3 265/60 18-inch futhi kwendala abethe ukuba mancane.
Ngemuva esikhenkeni sikhudlwana kunesendala. Kumele uyifake irabha ukuze ingaklwebheki. Engikuthandayo kodwa wukuthi ine-roller shuter ekhiyekayo okwenza ukuthi impahla ivikeleke uma uyifake khona. Kodwa kyisebenzi ngogesi.
Ngaphakathi ungazitshela ukuthi yiSUV ngendlela eyakhiwe ngayo ngoba izinga liphezulu. Izihlalo ziyisikhumba futhi esomshayeli sihlelwa ngogesi. Okuhle wukuthi ivulekile, abagibeli bahlala ngokukhululeka.
Engikhala ngakho wukuba nezimbobo ezimbili zokushaja nge-USB – iyodwa ngaphambili neyodwa ngemuva. Ukube bezimbili ngaphambili bekungaba kuhle ukuze umshayeli engabangi nomgibeli uma eshajile.
Ngaphambili ine-touchscreen esingu-9 inch lapho uxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto, noma uhlehla ikhamera ivela khona.
Okungichazayo wukuthi yonke into ihleli obala, kulula ukusheshe ubone ukuthi amabhathini enzani.
Esiteringini kunamabhathini okulawula umsakazo nawe-adaptive cruise control.
I-adaptive cruise control yenza ukuthi ihambe ngebanga olikhethile futhi inciphise uma kunemoto ephambi kwayo. Iyazijikisa nesiteringi ukuhlala emzileni.
Empeleni uma uhamba ngayo uzizwa uphephile ngoba kunesikhawu lapho ngiyizwe khona ibamba amabhreki ngemuva kokuthi imoto ephambi kwami nayo ivele yama masinya.
Iyasho uma uphuma emzileni, iyasho uma kunemoto eseceleni, inama-sensor ngaphambili nangemuva asiza uma upaka futhi inama-airbag ayisishiyagalombili ngaphakathi.
Emgwaqweni ihamba ngenjini kadizili engu-3.0 litre. Inyukile amandla kunendala njengoba engu-140kW ne-torque engu-450Nm. I-gearbox iyi-6 speed futhi iyazishintsha.
Okokuqala engikuqaphelile ukudumela phansi kwayo, uma ungaphakathi ayinawo umsindo omkhulu wenjini.
Noma usungena emgwaqweni ithule futhi intofontofo. Ukungazweli kwayo emabhampini kuyaqhubeka nasobhuqwini ngoba nakhona ihamba kahle.
Uma ungena obhuqwini kuba wukuphendula inkinobho ngaphambili bese idonsa ngawo womane amasondo, ukuze izobambelela kahle.
Ukushiya igabade ngo- 232mm kwenza indlela uyibone kahle futhi ingashayi kalula phansi.
Uma uthwala kanzima, sekukhona nebhathini le-diff lock ukuze izoqhwanda iphume kalula.
Ethangini likadizili elingu-76litres ibidla amalitha angu-10 ngo-100km.
Izinga linyuke kwiD-Max uma uyiqhathanisa nendala.
Intengo:
R835,100
Ifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km, i-warranty yeminyaka emihlanu noma u-120 000km ne-roadside assistance kanjalo ne- anti-corrosion warranty yeminyaka emihlanu.