IMOTO: AUDI RS 3
KUNGAPHEZULU kancane konyaka i-Audi yethule i-A3 Sportback ne-A3 Sedan entsha eNingizimu Afrika nosekulandele ezinamandla iRS 3 Sportback neRS 3 Sedan.
IRS 3 yiyona moto eyisingeniso kwezejubane zakwa-Audi ezibizwa ngamaRS. Selokhu kuqale unyaka, bathi yiyo engeyesibili ukudayisa kakhulu (ngemuva kwekagesi iRS e-tron GT) emhlabeni njengoba kuthengwe angu-5 733.
I-RS 3 Sportback okungeyesithathu neRS 3 Sedan yesibili, yizo ezisesicongweni somndeni wama-A3 njengoba zingena ngaphezu kweS3 Sportback enamandla angu-213kW.
IRS 3 Sportback neRS 3 Sedan bathi kuleli zithandwa ngendlela ecishe ifane.
Amandla yikho okubhekwa kakhulu uma uke wabona uRS ezimotweni zakwa-Audi futhi lapha akhona.
Injini kuseyiyo eyodumo lokuwola izindondo engu-2.5 litre TFSI. Amandla abawanyusanga njengoba engu-294kW njengasekuqaleni kunalokho bengeze i-torque yasuka ku-480Nm yaba ngu-500Nm.
Lokhu kuyenza isheshe kakhulu kunakuqala njengoba ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana engu-3.8 (ekuqaleni bekuyimizuzwana engu-4.1). Ijubane elikhulu limiswe ku-250km/h kodwa uyakwazi ukulinyusa ligcine ku-290km/h uma ufaka iRS Dynamic package plus.
I-torque akuyona kuphela into eshintshile ngoba esikhaleni se-diff ngemuva, sebefake i-torque splitter okokuqala ngqa. Izwakala ilula kunendala nasesiteringini kodwa ikhona ilinamathela kangcono ngoba i-torque splitter ifaka amandla emasondweni ngokuhlukana ngemuva nokuthi uma iqondile iwafaka wonke ngokulingana. Iyakwazi nokudrifter uma uthanda.
Wena njengomshayeli unama- drive modes ahlukene owakhetha kwi-Audi drive select. Ashintsha indlela injini ekhafula ngayo amandla, indlela eshintsha ngayo amagiya nokuduma ngoba iyaziwa le njini ukuthi iduma kuzwakale kamnandi. Ukuduma akusekhona okunomsindo njengasekuqaleni bakunciphisile kodwa kuyezwakala.
Njengoba isuselwe kwi-A3 nje, lokho uyakubona endleleni ebukeka ngayo kodwa yona bayenze yaba sporty nemibala egqamile.
Bese kunesikhathi ilindiwe kodwa ayiphoxi ngoba izinga linyukile.
Okuhle wukuthi ifika nokuningi ongadingi ukukwengezela imali. Lapha ngibala amarimu angu-19 inch, amaMatrix LED headlights, 12.3-inch Audi virtual cockpit plus, cruise control, Bang & Olufsen, sports suspension, RS sports exhaust system, ikhamera eveza ingemuva uma uhlehla nokunye.
Intengo:
RS 3 Sportback - R1,215,000
RS 3 Sedan - R1,245,000
Zifika ne-Audi Freeway Plan yeminyaka emihlanu.