IMOTO: MITSUBISHI PAJERO SPORT ASPIRE
BANINGI abayikhohlwayo iMitsubishi Pajero Sport uma kukhulunywa ngamaSport Utility Vehicle (SUV) alayisha abagibeli abayisikhombisa.
Nami ngingomunye wabo okuthi uma kukhulunywa ngamaSUV asuselwe kumaveni ekhanda kufike kuqala iToyota Fortuner, Ford Everest ne-Isuzu D-Max.
Cishe lokhu kungenxa yokuthi amaveni lamaSUV asuselwe kuwo adayisa kakhulu uma uwaqhathanisa neMitsubishi Triton, iPajero Sport esuselwe kuyo.
Ukudayisa kancane nokho akusho ukuthi izinga liphansi. IPejero Sport yimoto encintisana kahle nezimbangi esigabeni sayo futhi kwaMitsubishi bandise isibalo ukuze abathengi bakwazi ukuzikhethela.
Kulo nyaka bengeze i-Aspire yekhethelo nokwenza zibe yisihlanu izinhlobo zamaPajero Sport emakethe.
Angikutshele ukuthi ubukhulu nokuhluka kwayo kwenza abantu bayinake uma iqhamuka. Ingaphambili layo liyagqama ngegrille futhi imibuzo yokuthi kungabe yimotoni isheshe iphendukele ngoba igama layo libhalwe ngokukhulu. Amalambu angamaLED.
Umbala wayo omnyama ungenye yezinto eziyenza yehluke kwezinye izinhlobo zamaPajero Sport. Ichrome engaphambili, ezibukweni, ezibanjeni zezicabha, emawindini nangemuva kwengeza ubuhle bayo.
Umbala omnyama wangaphandle uqhubeka nangaphakathi. Izihlalo ziyisikhumba zimnyama futhi esomshayeli sihlelwa ngogesi nobekungaba kuhle ukuba ziyafudumala noma ziqande. Njengoba ngishilo ngenhla, ilayisha abagibeli abayisikhombisa futhi izihlalo zangemuva uyakwazi ukuzilalisa ukwandisa isikhala.
Abakusebenzisile ngaphakathi kuqinile uyezwa noma uthinta. Ngaphambili kunetouchscreen infotainment system okwaz ukuxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto. Isiteringi, okwazi ukusiphakamisa noma usisondeze, sinamabhathini okubamba iselula, ukushintsha ingoma nokunyusa umsindo. Kunanawecruise control bese kuthi ngemuva kwaso kube namapedal shifters.
Izindawo zokubeka izinto awuzisweli ngaphakathi ngoba ziyinqwaba ngaphambili, isezicabheni nalapho uphumuza khona ingalo nakwezinye.
Ukuphepha kwabagibeli nakho abakukhohlwanga ngokufaka ama-airbag ayisikhimbisa nokunye.
Ngaphansi kwebhonethi iPajero Sport Aspire kunenjini engu-2.4L turbodiesel. Inamandla angu-133kW netorque engu-430Nm. Isebenza nogearbox oyi-8 speed ozishintshayo.
Emgwaqeni iyazama ukuthi ingazweli emabhampini futhi amandla inawo.
Ukushiya kwayo igabade ngo-218mm kwenza umgwawo uwubone kahle ukwazi nokuvika kalula imigodi esemgwaqeni.
Kudizili ibidla amalitha angu9.1 ngo-100km kanti kwaMitsubishi bathi idla angu-8.1 ngebanga elifanayo ethangini elingu-68litres.
Intengo:
R724 990
Ifika newarranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km, iservice plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km neroadside assistance yeminyaka emihlanu.