ABANTU abasanda kwethweswa iziqu ezikhungweni zemfundo ephakeme kungaba yinto engelula ukukhetha imoto uma sebeyidinga futhi sebeqale emsebenzini.
Eminye yemibuzo ababa nayo wukuthi bathenge imoto entsha noma eyisekeni. NgokweWesBank, entsha ifika ingenamlando njengowokufa nokunye.
Eyisekeni ngakolunye uhlangothi kumele ubuze oyidayisayo ngezinkinga zayo ubheke nendlela ebiphethwe ngayo.
Beluleka ngokuthi kumele uthenge egaraji elaziwayo. Kumele ubuzisise uma kukhona ongakuqondi.
Amanye amagama okujwayele ukukhulunywa ngawo:
Credit score: Yimininingwane eveza ukuthi ubuzikhokhela kanjani izikweleti zakho. Izikhungo zemali zibheka khona ukuthi ungumuntu ofanele yini ukubolekwa imali.
Isikhathi sesikweti: Yiso esiveza ukuthi uzoyikhokhela isikhathi esingakanani imoto. Ukukhokhela isikhathi eside kungaheha ngoba ukhokha kancane kodwa ungazithola usukhokha inzalo enkulu, bese imoto Ibiza kakhulu. Uma ungakhokha ngesikhathi esincane unyuse imali kungakusiza.
Balloon payment: Kumele uyibheke ngokucophelela. Iballoon payment yisamba semali okumele usikhokhe uma sekuphele inkontileka yesikweleti. Ukuba nayo kungenza ukhokhe kancane kodwa ayigcini ngokuthi ukhokhe inzalo enkulu kodwa ingakushaqisa ekugcineni uma ungayihlelelanga kahle.
Imali ephelele yokuba nemoto: Ukuba nemoto akusho kuphela ukuyikhokhela ngenyanga kodwa kumele ubale nemali yokuyinakekela njengomshwalense, uphethroli, amathayi nokunye.