ABASHAYELI kumele benze imizamo yokunciphisa indlela izimoto zabo ezidla ngayo uphethroli, kungakhathalekile noma uhulumeni kukhona akwenzayo noma cha.
Lokhu kushiwo yisikhulu seMasterDrive, u-Eugene Herbert, othe uhulumeni wenze uhlelo lwezinyanga ezimbili lokuthi kubambezeleke ukunyuka mawala kwentengo. Uthe seluphinde lwalulwa kodwa intengo kaphethroli inyuke ngoR2.43, ekadizili yona yanyuka ngoR1.10.
“INingizimu Afrika ibheke ezinyangeni ezibanda kakhulu onyakeni futhi ukwehla kwamazinga okushisa kungaba nomthelela endleleni imoto yakho edla ngayo,” kusho uHerbert.
Uthe yize ucwaningo lwenziwa ezindaweni lapho amazinga ehla khona ngo-25 degrees Celsius, okuyinto engenzeki kuleli, kodwa kuyabanda nokuba nomthelela endleleni imoto edla ngayo.
Uthe nazi izinto abantu abangazenza ukonga:
-Umoya wamasondo: Njengoba amazinga okushisa ehla, kanjalo nomoya wamasondo, okunomthelela endleleni imoto edla ngayo. Uma uhlala endaweni eshelelayo kuyingozi. Bheka umoya wamasondo njalo ekuseni uma esabanda ukuthola kahle ukuthi anomoya ongakanani uma imoto ingakutsheli yona.
-Paka ngaphakathi: Uma unegaraji gwema ukupaka ngaphandle ebusuku. Uma amazinga okushisa ehla, nakho konke okuwuketshezi kwenjini kuyaqina bese kudinga amandla amaningi ukuthi kuthambe. Paka ngaphakathi ukugwema lokhu nokuthi imoto ingadli kakhulu.
-Asikho isidingo sokufudumeza imoto: Njengoba ubuchwepheshe buthuthuka, nesidingo sokufudumeza imoto ngaphambi kokuhamba asisekho ezimotweni eziningi. Ngisho udinga ukufudumeza imoto endala kungcono uma uhamba kancane kunokuyishiya iduma.
-Ungakhohlwa wukuthi ngisho ngabe yisebusika noma ehlobo kodwa ukonga kumele ukhiphe izinto ezingenasidingo emotweni ezinyusa isisindo. Qinisekisa ukuthi inakekelwa ngendlela futhi ushayele ngendlela eyongayo.
-Ezimotweni ezindala shintsha i-air filter uma kunesidingo. I-air filter engcolile inomthelela endleleni imoto edla ngayo.