INAAMSA ithi ngeke kuwenze umqondo ukuqhathanisa izibalo zokuthengwa kwezimoto zango-Ephreli wonyaka odlule nezowakulo nyaka ngenxa yokuthi nyakenye izwe lalikumvalelandlini kungadayiseki.
Ithe ngenxa yokuthi zaba ngu-574 kuphela izimoto ezadayiswa ngo-Ephreli ka-2020, izibalo zango-Ephreli 2021 zizoqhathaniswa nezangoMashi ka-2021.
Ngenyanga edlule kudayiswe izimoto ezingu-35 779 nokuyisibalo esehle ngo-7 649 noma u-17.6% uma kuqhathaniswa no-43 428 owadayiswa ngoMashi.
Nesibalo sezimoto ezidayiswe kwamanye amazwe naso sehlile njengoba zibe ngu-26 522 nokuyisibalo esingaphansi ngo-12 619 noma u-32.2% uma kuqhathaniswa no-39 141 owahamba ngoMashi 2021.
Isikhulu esiphezulu seNaamsa uMikel Mabasa sithe amaholidi nokuba ncane kwezinsuku zokudayisa kube nomthelela ekudayiswe kwezimoto kuleli nangaphandle ngo-Ephreli uma kuqhathaniswa noMashi.
Uthe yize kunjalo kodwa kulezi zinyanga ezine zokuqala zonyaka ukuthengwa kungaphezulu ngo-28.3% uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo nyakenye.
Kuzona zonke izimoto ezingu-35 779 ezidayisiwe, ezilinganiselwa ku-31 482 oma u-88.0% uthengwe emagaraji, u-7.5% wathengwa yizinkampani eziqashisa ngezimoto, -2.4% wathengwa nguhulumeni kwathi u-2.1% kwaba ngowezinkampani.
Isibalo sezimoto ezincane sibe ngu-22 911 nokuwukwehla ngo-3 688 noma u-13.9% uma kuqhathaniswa no-26 599 owadayiswa ngoMashi 2021.
Isibalo samaveni, amatekisi nezimoto zokusebenza sehle ngo-3 485 noma u-24.3% njengoba zibe ngu-10 879 kanti ngoMashi zazingu-14 364 ezadayiswa.
NgokweWesBank, nazi izimoto ezidayise kakhulu ngo-Ephreli 2021:
– Toyota Hilux 3 163
– VW Polo 2 294
– VW Polo Vivo 1 849
– Ford Ranger 1 705
– Isuzu D-MAX 1 402
– Toyota Urban Cruiser 796