NGIKE ngazibuza ukuthi kungani abakwaBMW, bethathe isinqumo sokuthi kuyokwethulwa iBMW M2 CS eKyalami Race Track, eGoli kodwa umbuzo wami uphenduleke ngifika khona ngesikhathi sengiyibona eduze.
IBMW M2 CS akudingi ukuthi uze utshelwe ukuthi iyimoto yejubane nobekufanele ukuthi yethulwe kule ndawo ukuze ukwazi ukuzwa amandla ayo.
Ubuhle bayo bukukhanga uza kude ufise nokuthi ngabe usuyayishayela ukuze uzwe la mandla ekhombisa ukuba nawo usayibuka. Ngisho ichazwa amandla ayo akhushuliwe kwaweBMW M2 ejwayelekile. Ngisho usugijima ngayo ayikuthusi ngisho uya emajikeni ngoba iyabambelela phansi.
Iyimoto engakwazi ukusebenziseka nsukuzonke iphinde ibe yimoto ongakwazi ukungenela ngayo imiqhudelwano yejubane.
Lokho kungenxa yokuthi indlela yokuyishayela ihlukene kaniningi njengoba ukwazi ukuyifaka ku-Comfort, Sport noSport+. Cishe zonke izinto ezikuyona ziyaheha kusuka ngaphandle uze ungene ngaphakathki.
Injini ingu-3 litre twin-turbo enamacylinder ayisithupha, bese idedela amandla angu-331 kW, okungamandla engezwe ngo-29kW kwiBMW M2 Competition. Itorque ingu-550Nm.
Indlela amapayipi ayo amane abhonga ngayo uma isiduma, iyakutshela ukuthi awawona umhlobiso nje kodwa afakwe ngenhloso. Inamabhreki eM Sport, isiteringi seM Sport esimbozwe ngealcantara okwenza sibe ntofontontofo nesikusiza noma ngabe ujulukelwe yizandla ukuthi singashibiliki kodwa ikhona nenesiteringi esimbozwe ngesikhumba kuphela. Izihlalo zayo zixube isikhumba ne-alcantara futhi zintofontofo. Ziphinde zikhombise ukuthi ezemoto yejubane ngendlela ezakhiwe ngayo. Kuzona izihlalo inebheji leM Sport.
Ezokuphepha nazo ziqinisekisiwe njengoba ibhande layo likubamba likuqinise uma ujika ejikeni eligobe kakhulu. Inamagiya ayisithupha eshintshwayo kanti ayisikhombisa kwezishintshayo.
Inamasondo angu-19-inch futhi idonsa ngaphambili. Njengoba uGearbox wayo uhlukene kabili, i-seven-speed M double-clutch transmission (M DCT), ikwazi ukusuka ku-0 kuya ku100 km/h emizuzwaneni emine. Kuthi kwengusix-speed manual gearbox isuka ku-0 kuya ku-100
emizuzwaneni engu2.2. Ijubane layo eliphezulu ngu- 280 km/h.
ENingizimu Afrika kulethwe kuphela angu-30 futhi amanye awo adayise esidlangalaleni khona eKyalami ngesonto eledlule. Amanye abedayiswa ngemali elinganiselwa kuR2 million.
Intengo:
R1 615 744