KUQEQESHWE abosizo lokuqala abangu-70 ngendlela ezisebenza ngayo izimoto ezihamba ngogesi ukuze baqondisise uma sekumele bayosiza abalimele behamba kuzo.
Isikhulu sakwa-Audi South Africa, uSascha Sauer, sithe ngesikhathi behlela ukwethula izimoto zabo ezihamba ngogesi ama e-tron, baxhumana nohulumeni babona kunesidingo sokuthi bafundise ngezimoto ezihamba ngogesi, kubasebenzi bezimo eziphuthumayo.
“Laba bantu abanjengama-paramedic nabezicishamlilo badlala indima enkulu ekuvikeleni abashayeli baseNingizimu Afrika. Ngenxa yokuthi ziyangenisa izimoto zikagesi, kubalulekile ukuthi bangasali ngemuva,” kuchaza uSauer.
Kulolu hlelo obelungoLwesithathu ePitoli, bafundiswe ngezinto izimoto zikagesi ezinazo nezindlela eziphephile zokuhlenga abantu kunasemotweni enenjini kaphethroli noma udizili.
USauer uthe eminyakeni emihlanu ezayo zizobe seziziningi izimoto ezihamba ngogesi emigwaqweni yakuleli.