ABAGIBELI bezithuthuthu basezindaweni ezahlukene bazohlanganyela ndawonye eGreytown ngeSonto, ngenhloso yokuyokhumbuzana nokugqugquzela ezokuphepha emgwaqweni, emcimbini Ubuntu Breakfast Run Africa.
Umhleli womcimbi uSikhumbuzo “3.0” Dlamini uthe emcimbini kuhlangana abahamba ngezithuthuthu bazo zonke izinhlanga emhlabeni jikelele.
Uthe bazobe behlanganyele eKing Edward Park eGreytown, kusuka ekuseni kuze kube wu-12.30 emini. Uthe kungenwa mahhala futhi nabantu bavumelekile ukuzobuka.
“Esontweni lokugcina kuJanuwari, siyahlangana ngosuku olufanayo, isikhathi esifanayo kuzo zonke izifundazwe. Umhlaba wonke nakhona kwenziwa okufanayo. Lapha KwaZulu-Natal yonke nezifakavashi ezinye ezisuka eThekwini, Lesotho, eSwatini, Namibia nase-Uganda sizohlanganyela eGreytown,” kusho uDlamini.
Uthe balindele amaqembu ezithuthuthu angaphezu kuka-28 nezithuthuthu ezingaphezu kuka-1 000.
“Siyahlangana sibonge ukuthi siyaphila, sifundelane izifungo zokuthi uma ugibela isithuthuthu nansi indlela yokuziphatha, ukuphatha abanye abashayeli nabahamba ngezinyawo. Sisuke sizofunga ukuthi siyazinikela ekuhlonipheni imithetho yomgwaqo, siphinde sizibophethezele ekutheni sizosizana nemiphakathi ukufaka isandla lapho kunesidingo khona nokuziphatha ngendlela enobuntu,” kuchaza uDlamini. Uthe umcimbi usuneminyaka eyisithupha ukhona.