UCWANINGO lwakwaNetstar luveza ukuthi abashayeli besifazane bashayela kangcono kunabesilisa.
Lolu cwaningo lwenziwa ngemininingwane etholakale ezigamekweni zabashayeli yile nkampani ethungatha izimoto ezebiwe.
“Esikutholile wukuthi amakhasimende ethu esifazane ashayela kangcono kunawesilisa ngezinyanga ezine esihlole ngazo,” kusho uCliff de Wit oyisikhulu esiphezulu sezobuchwepheshe kwaNetstar.
“Ulwazi siluqoqe ngokusebenzisa ubuchwepheshe bakwaNetstar obuhlanganisa ama-sensor emoto, inkombandlela nobunye ubuchwepheshe.”
Lolu lwazi luveza okwenzeka ngaleso sikhathi futhi lusetshenziswa nayizinkampani zomshwalense ukubheka ukuthi abashayeli bashayela kanjani ukuze zazi ukuthi ingakanani imali yomshuwalense okumele ziyikhokhe.
Ucwaningo belubheka izingozi ezibikiwe, ukubhreka mawala, ukunyathela mawala amafutha, ukujika kanzima emakhoneni kwabesilisa nabesifazane. Kukho konke ucwaningo luveze abesifazane njengabenza kangcono.
Izigameko ezithinta ukungena ezikhisini noma ukushayisa ezinye izimoto ngokwezibalo zibe ngu-1.3% ezabesifazane kuzona zonke zibhekiwe futhi ezabesilisa zibe ngu-1.4%.
Kubona bonke abacwaningiwe, u-16.5% wabesifazane ubhreka kabi kuthi abesilisa babe ngu-22.8%.
Abesifazane abanyathela mawala amafutha bangu-4.5% uma kuqhathaniswa no-10% kwabesilisa. Abajika kabi emakhoneni bangu-13.2% abesifazane kanti abesilisa bangu-18.8%.
INetstar ithe lolu cwaningo luhambisana nolwakamuva olubheka ukufa kwabantu emgwaqweni olwenziwe e-United Kingdom.
Lolu cwaningo lwe-Injury Prevention luveze ukuthi baningi abafayo ezigamekweni ezithinta abesilisa kunabesifazane. Lokhu kwenzeka kuzona zonke izinhlobo zezimoto namabhayisekili.
“Naphezu kwemiphumela yocwaningo kodwa sigqugquzela bonke abashayeli ukuthi bashayele ngokucophelela futhi basebenzise ubuchwepheshe ukuthuthukisa indlela abenza ngayo futhi basindise nempilo yabantu,” kusho uWit.