IMOTO: HYUNDAI PALISADE
Kwaba khona abahlahla amehlo uma bezwa intengo yeHyundai Palisade ngesikhathi ifika ngo-2021.
Yayibiza ngaphezu kwesigidi nokwayenza imoto yokuqala yale nkampani kuleli ukubiza leyo mali.
Naphezu kwalokho uStanley Anderson, ongumqondisi wokudayisa nokusebenza kwaHyundai Automotive South Africa, uthe badayise amaPalisade angu-256.
Bazimisele ngokuqhubeka nokudoba amanye amakhasimende yingakho sebelethe ethuthukisiwe.
Kulula ukuyibona ngenxa yegrille yayo enkulu eyenza igqame wena owabona izingqovungqovu zaseMelika. Amalambu ekhanyisa ngawo angamaLED. Isinamarimu amasha angu-20-inch bese kuthi ngemuva ubhampa ngezansi bawushintshile.
Ngaphakathi iPalisade ihlukene ngezinhlobo ezimbili – kunelayisha abagibeli abayisikhombisa, nelayisha abayisishiyagalombili.
Lokhu kuyenza ibe yimoto ekahle yomndeni. U-Anderson uveze nokuthi kunabayisebenzisa njengemoto yomngcwabo ngoba inesikhala esanele kwazise ubude bayo bungu-4980 mm.
Izihlalo ngaphakathi ziyisikhumba bese iba nemoonroof.
Ngaphambili bashintshe isiteringi, instrument panel ne-infotainment system.
Kule infotainment system ungaxhuma amaselula amabili ngeBluetooth kanye kanye noma nge-Apple CarPlay. KunoQuiet Mode owenza abangemuva bangezwa msindo womsakazo ukuze balale. Izihlalo zangemuva seziyakwazi ukufudumala ziphinde zibande njengezangaphambili.
Izindawo zokushaja awuzisweli ngaphakathi ziyinqwaba.
Injini abayishintshanga, kuseyi-2.2 litre turbocharged kadizili enamandla angu-142kW netorque engu-440Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-8 speed ozishintshayo, ofaka amandla kuwo wonke amasondo. Injini iyithwala kahle futhi nasemgwaqeni ayizweli kakhulu kula masondo awo amakhulu.
Kudizili bathi idla amalitha angu-8.2 ngo-100km.
KwaHyundai bandise ezokuphepha kule moto ethole izinkanyezi ezinhlanu kwezokuphepha ihlolwa ngabe-Australasian New Car Assessment Program (Ancap Safety).
Phakathi kwenakho kubalwa ama-airbag ngaphakathi, iyakusiza ukuvika ingozi, iyasho uma usukhathele, izihambela ngejubane olikhethile iphinde inciphise, iyasho uma uphuma emzileni, nokunye.
Ubukhulu bayo nezinto enazo buyenza uyiqhathanise neFord Everest Platinum yona enamandla athe xaxa kanjalo nentengo yayo.
Intengo:
Palisade R2.2 7 seater Elite AWD AT - R1 099 900.
Palisade R2.2 8 seater Elite AWD AT - R1 099 900.
Zifika newarranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km, iservice plan yeminyaka eyisikhombisa noma u-105 000km neRoadside Assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km.