ISIPHENDUKE undabuzekwayo kubantu bakuleli ezinkundleni zokuxhumana imoto yakwaBajaj, iQute, ecoshwa ngamanani aphansi.
Udumo lwale moto lususwe yisimemezelo sabakwaBajaj ngesikhathi beveza ukuthi njengamanje abayifunayo bangakwazi ukuyithenga ngoR65 000 (isuka kuR75 000) kanti into abantu abayithakasela kakhulu ukuthi ikhokhelwa imali ephansi ngenyanga.
Bebhala ekhasini labo kuFacebook namhlanje, abakwaBajaj, okuyinkampani yase-India kodwa enehhovisi nakuleli, bathe zilokhe zingene njalo izingcingo abantu bebuza ngale moto.
“Sithola izingcingo ngapha nangapha abantu bebuza ngale moto, kwesinye isikhathi abazama ukusithinta abasitholi ngenxa yalokho. Sicela nibekezele, uma ucingo lungangeni sicela usishiyele umyalezo sizokuthinta,”
Limited time offer only! Start your own delivery business with the one and only #Bajaj #Qute and ace 2021 like a #boss...
Posted by Bajaj South Africa onThursday, April 15, 2021
Nakhu okunye odinga ukukwazi ngale moto:
Abantu abaningi le moto bayisebenzisele ukuhambela izindawo eziseduzane kanti iningi liyisebenzisela amabhizinisi ezokuthutha.