ONGOTI bezempilo sebethole ukuthi igciwane eselizishintshile le-HIV laba namandla, abalibiza nge-VB variant, liyagobeka ngemishanguzo yokuthithibalisa iHIV ekhona.
Abacwaningi abathole igciwane elisha le-HIV bashicilele umqulu wezempilo i-Science Journal, beshiyelana ngolwazi abalutholile olukhomba ukuthi eNetherlands kuneminyaka likhona kodwa akuzange kubonakale ngoba imishanguzo ekhona njengamanje iyakwazi ukulinqoba.
Uma liqhathaniswa neHIV ebilokhu ikhona, lona liyashesha ukusabalala egazini okungenza ukuthi onalo asheshe abe nengculazi uma engayidli imishanguzo.
UDkt Chris Wymant waseNyuvesi i-Oxford ongomuye wabacwaningi, uthe abantu abangethuki ngoba ngesikhathi benza ucwaningo babonile ukuthi nakuba leli gciwane lishesha liziphindaphinde egazini, uma umuntu eseqale imishanguzo yokulithithibalisa, amasosha akhe omzimba athola amandla ngendlela efanayo nawomuntu oneHIV ebivele ikhona.
"Akumele kube nokukhathazeka ngalo. Ngokuthola kwethu ngocwaningo, igciwane laqala ukuba khona eNetherlands ngama-80’s nama-90’s. Ucwaningo luveza ukuthi izinhlelo zaseNetherlands zokuthi basheshe bahlolwe abanalo, bese bedla imishanguzo, zisizile ekutheni igciwane lingawatholi amandla okuthi lisabalale kakhulu," kusho uDkt Wymant.
UDkt Christopher Fraser naye obeyingxenye yabacwaningi, uthe kubalulekile ukuthi kulandelwe imigomo ebekwe yiNhlangano yezeMpilo eMhlabeni, iWorld Health Organisation (WHO), yokuhlolwa nokwelashwa kwabantu abane-HIV.
Labo sosayensi bathi ucwaningo luveza ukuthi into ecatshangwayo ethi igciwane uma lilokhu lizishintshashintsha liphelelwa ngamandla, ayilona iqiniso ngaso sonke isikhathi njengoba kuqhathaniswa nokwenzeka kwiCorona.
Igciwane elisha liqale ukutholakala kubantu kumasampula angu-17 abayingxenye yocwaningo oluqhubekayo olwaziwa ngeBEEHIVE, olubheka ukuthi ngabe i-HIV selokhu yaba khona, izintshintsha kanjani?
Ocwaningweni bekuthathwa amasampula egazi kubantu okutholakale ukuthi banesandulela-ngculazi e-Europe nase-Uganda. Amasampula egazi okutholakale ukuthi ane-viral load ephezulu (okuyizinga le-HIV), abecutshungulwe kabanzi, kubhekwa ukuthi kwenziwa yini?
Ngesikhathi kuqhutshekwa kucutshungulwa, kusetshenziswe amasampula abantu baseNetherlands, Switzerland naseBelguim. Abacwaningi babe sebecubungulisisa kahle amasampula abebenawo ocwaningweni, bathola ukuthi empeleni ngawaseNetherlands ebemaningi abe nezinga eliphezulu. Kube sekuvela ukuthi izinga eliphezulu lenziwa wukuthi besekuyigciwane elisha.
Abacwaningi bathe uma becwaninga ulwazi bebheka indlela i-HIV ebiyenza ngayo emizimbeni yabo, bathola ukuthi igciwane, cishe laba khona ngama-80’s nama-90’s. Ulwazi lukhombise ukuthi ngo-2010, kube noshintsho ngendlela eliziphatha ngayo, laqala ukwehlelwa ngamandla.