UVUTHA engabaselwe owesilisa waKwaMaphumulo osola uMfundisi akhonza naye ngokubaleka nomkakhe.
UMnuz Sfiso Gumbi (44) usola uMfu Edward Khumalo (47) webandla iGod’s Christian ngokuthi ubaleke nomkakhe, uNkk Nomusa Gumbi (37). Leli bandla linesizinda KwaMaphumulo.
Uma elandisa uGumbi, uthi umkakhe ubeye eGoli, kukhona umhlangano webandla abekuwona njengoba enesikhundla ebandleni.
Uthi kumxakile ukubuya kwabanye ebebeseGoli kodwa lutho umkakhe.
"Ngibe sengimshayela ucingo ngimbuza umkami ukuthi kanti kwenzakalani? Umane wangiphendula ngokuthi angikhulume noMfundisi. Ngimane ngaxakeka ukuthi uchaza ukuthini," echaza.
Kodwa uthi umshayelile ucingo uMfundisi wambuza ukuthi kungani umkakhe engakabuyi.
Uthi impendulo kaMfundisi imshiye ebhocobele.
"Umane waqala ngokuxolisa, wase engehla ngaphezulu engitshela ukuthi uyathandana nomkami. Wathi uyaxolisa ngokungizwisa ubuhlungu kodwa impela sebeyathandana," kusho yena.
Uthi eseshayela umkakhe ucingo okwesibili akabange esalubamba nhlobo.
Kuvela ukuthi uMfundisi washonelwa ngumkakhe ngo-2015 engozini yemoto.
Isolezwe Ngempelasonto lishayele ucingo uNkk Gumbi, wathi akaqondi ukuthi kwenzakalani kodwa uzizwa enomuzwa wothando olujulile lukaMfundisi, wathi kodwa akathandi ukukhuluma lolu daba nabantu angabazi. Uthe yena noMfundisi bahlela ukubuyela eThekwini, kuxoxwe noMnuz Gumbi ukuze kutholakale isixazululo salolu daba.
Eshayelwa ucingo uMfundisi, uthe izindaba zakhe azidingi ukunekelwa izwe.
Ilungu lebandla elicele ukuba kugodlwe igama lalo lithe bakhathazekile kakhulu njengoba sekuphele amasonto amabili uMfundisi engalubhadi enkonzweni.
Lithe kuduma amakhanda kubona njengoba bengaqondi ukuthi ngempela kwenzekani.
“Sizwa kuthiwa uMfundisi wethu ubaleke nomfazi womuntu. Asazi ngoba nathi sididekile. Uma simshayela ucingo uMfundisi akalubambi. Asazi ukuthi ngempela kuqhubekani, ‘’ lisho kanje ilungu likhulumela phansi.
Lithe amalungu ebandla asabisa ngokuliduba ibandla uma kuya ngokuthi lolu daba luyiqiniso.