KUHLUKENE imibono kumalungu omphakathi waseNhlonga, ku-ward 13 ngaphansi kukaMasipala waseMsinga, ngesakhiwo esiyihholo sika-R480 000, okuthiwa lakhelwa inkosazana yamanzi osebeni lomfula wumasipala, emva kwesibonakaliso somthandazi.
Leli hholo kuthiwa akuvumelekile ukuthi lisetshenziswe yinoma wubani ukugwema ulaka lwenkosazana yasemanzini. Livulwa uma kukhona umthandazi kuphela ezobamba inkonzo khona. Amanye amalungu omphakathi akholwa wukuthi ukwakhiwa kwalo kwehlisa izingozi nokufa kwabantu ababefela kulesi siziba njengoba bekholwa ukuthi bekuwulaka lwayo. Abaphikisana nalokho, bagxeka umasipala ngokuchitha imali ngabakubiza ngenkoleloze yabathile ekubeni intuthuko igqoza endaweni.
Elinye ilungu lomphakathi eselikhulile, lilandisa ekhasini lika-Ayanda Msweli kwi-You Tube, lithe izigameko zokufa kwabantu esizibeni okukholakala ukuthi ihlala kuso, bezibhilitile phambilini, ngaphambi kokulandwa komthandazi okwazi ukukhuluma nayo okuwuyena owaveza ukuthi ifuna ukwakhelwa.
“Kwathi uma abesifazane beyibona ngelinye ilanga babikela amadoda ayengayikholwa ukuthi ikhona. Amabili agijima eyobheka esizibeni, omunye wangena kuso, kwaba ukuphela kwakhe bamkhipha esethule. Kwesinye isikhathi izikebhe zabelungu uma bentweza, bezifika zicishe kulesi siziba, baze banikele ngemali emhlophe kuyima bekwazi ukudlula, okuyizimpawu zokuthi bekukhona okukhona kusona,” usho kanje.
Uthe umphakathi wasukuma wathungatha umthandazi okwazi ukukhuluma nayo, okuyilapho olande khona uMnuz Felize Dladla waseGreytown, eMatimalo, okuwuyena owaveza ukuthi ithi ifuna ukwakhelwa indlu yayo.
Ekhuluma neSolezwe, uDladla uthe emva kokuthi umphakathi umcelile, inkosazana imtshele ukuthi ifuna umphakathi uyakhele indlu eyisitezi. Kuthiwa umphakathi uhlanganise imali, yaqala ukwakhiwa, kodwa yona (inkosazane) yayibhidliza okuvele ukuthi yayidinwe ukwakhiwa kwayo ngabantu besifazane kanti yayifunwa ukwakhelwa ngamadoda kuphela. Umphakathi kuthiwa ufake isicelo kumasipala, wagunyaza ukuthi yakhiwe.
UMnuz Mletheni Ndlovu oyikhansela kule ndawo oseke waba yimeya kulo masipala, uthe nguye owafaka isicelo ngokuthunywa wumphakathi
“Bengisayikhansela ngesikhathi umphakathi uphakamisa ukuthi ucela umasipala uwusize wakhele inkosazane indlu. Ngesikhathi ngifaka isicelo, umasipala uthe akusetshenziswe isabelomali sewadi ukwakha indlu ngoba awunayo imali eyanele. Sigcine sibona kungcono ukuthi sakhe esahholo ngoba eyisitezi yayizobiza kakhulu. Sisebenzise u-R480 000 wesabelomali sonyakamali ababili ukwenza lo msebenzi,” usho kanje.
Uveze ukuthi inkosazana ayihlali kuleli hholo, kodwa lisetshenziswa kuphela uma kunemicimbi eqondene nayo noma kukhona abasuke befuna ukuzonikela.
Imvunge kwamanye amalungu omphakathi ivukuzwe yesinye isibonakaliso sesibili somthandazi (uDladla) njengoba kuvele ukuthi ifuna umphakathi wenzele izingane zayo umemulo. Emhlanganweni obuyizolo kulo leli hholo lenkosazane, kuthiwa kuvunyelwene ngokuthi umuzi nomuzi ukhokhe u-R100 ukuze kuthengwe inkomo yokwenza lo mcimbi.
Ilungu lomphakathi elikhulume neSolezwe elingelinye langahambisani nezibonakaliso zomthandazi ngenkosazana, lithe lidumele ngemali eyachithwa umasipala.
“Kuyadumaza ukuthi umasipala ukholelwa kokushiwo umuntu kungenabo ubufakazi. Izingane zethu ziwela kanzima uma ziya esikoleni, kodwa kunemali ekhishelwa ukwakha izinto ezingakaze zibonwe wumphakathi kodwa okuthiwa zabonwa abathile,” usho anje.
Amanye amalungu omphakathi avumile ukuthi awakaze ayibone inkosazana kodwa kule ndawo akuvumelekile ukuwasha esizibeni ngoMgqibelo nokuchitha amanzi obuwasha ngawo kusona ngoba kuyayithukuthelisa.